UMnu Zuma usabiza abantu ngezimpimpi

1190

Kumanje kunabafuna ahlawule ngalokhu

ANDILE MOSHOESHOE

UMNU Jacob Zuma ephahlwe nguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Mdumiseni Ntuli noSihlalo we-ANC eHarry Gwala, uMnu Zamokwakhe Nxumalo ngesikhathi kunesifundo ngesosha leMK, uJohannes “Pass Four” Phungula.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE

UYAQHUBEKA nokuphawula ngezimpimpi athi zazigcwele ngaphakathi kwi-ANC ngesikhathi somzabalazo, uMnu Jacob Zuma okumanje umangalelwe nguMnu Siphiwe Nyanda noMnu Derek Hanekom ngokubaninda ngosheko, ebabiza ngezimpimpi.
Nokho kulokhu ukugwemile ukubiza amagama abantu.
Lokhu ukwenze ngoMgqibelo eXobho ngesikhathi kunesifundo ngoJohannes Phumlani “Pass Four” Phungula waseHlokozi, owayeyisosha loMkhonto Wesizwe (MK).
UPass Four owashona ngo-2009, wayenoMnu Zuma kwiMK. Ethula inkulumo kulo mcimbi, uMnu Zuma obeyisikhulumi sosuku, uthe uPass Four wayeqotho, ephilela iqiniso, ethandwa ngabantu futhi enesibindi.
Ngokusho kukaMnu Zuma, uPass Four waba ngowokuqala ukushaya ngempama iphoyisa
elimhlophe likahulumeni wobandlulo ngesikhathi begqunywe eDurban Central Prison – okwaphela ngayo ngo-1985 emuva kokuba kuqedwe ukwakhiwa kwejele laseWestville – beboshelwe ukwephula imithetho yobandlululo.
UMnu Zuma uthe uPass Four wayezizonda kabi izimpimpi futhi ekwazi ukuzibona ngisho abanye sebexhophekile, bazethemba.
“Enye yazo saze sayethemba sayinikeza izibhamu ezimbili, elokhu eshilo uPass Four ukuthi
kukhona okushaya amanzi ngayo, kanti ngempela kwakuyimpimpi eyingozi,” kusho uMnu Zuma.
Ukhuluma ngezimpimpi nje, kunesinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwini esilengayo mayelana nokubiza kwakhe uMnu Hanekom ngempimpi eyaziwayo. UMnu Hannekom ufuna uMnu Zuma ahoxise umbhalo wakhe kwiTwitter okuyiwo athi kuwona wayeyimpimpi, axolise futhi ahlawule u-R500 000.
Ngaphandle kukaMnu Hanekom, uMnu Zuma usephinde wabhekana nembibizane njengoba uMnu Nyanda yena efuna ukuhlawulwa ngo-R800 000 ngokubizwa ngempimpi.
UMnu Zuma wabiza uMnu Nyanda noMnu Ngoako Ramatlodi ngezimpimpi ngesikhathi
ethula ubufakazi kwiKhomishini yeJaji Raymond Zondo, ephenya ngokuthunjwa kombuso
(state capture).
Kulo mcimbi uMnu Zuma obephelezelwa ngabaholi be-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Mdumiseni Ntuli, ongunobhala noMnu Ricardo Mthembu, okhulumela leli qembu kulesi sifundazwe, ubuye wakhuluma nangendaba yomhlaba esegudwini kulezi zinsuku.
“Eqinisweni ukubuyiswa komhlaba kuyomcebisa umuntu omnyama,” kusho uMnu Zuma.
Kulo mcimbi kuvele nokuthi uMasipala uBuhlebezwe usuzobizwa ngeGeneral Pass Four Municipality.
Lesi sinqumo kuthiwa sithathwe wubuholi be-ANC kuMasipala wesiFunda iHarry Gwala – uBuhlebezwe obungaphansi kwawo.
USihlalo we-ANC eHarry Gwala, uMnu Zamokwakhe Nxumalo, oyimeya yoBuhlebezwe, uthe akusekho ukujikela emuva kwendlu, kwazise udaba lokushintshwa kwegama lalo masipala
luseqhulwini lwezinto okumele kuxoxwe ngazo nomphakathi.
“Nanku uMasipala wesiFunda iHarry Gwala, wawubizwa ngeSisonke kodwa sawushintsha,” kuchaza uMnu Nxumalo.
Uthe okwenza ukuba bazibone bekulungele ukuthi sebengakhuluma ngalolu daba, wukuthi lwamukelwe ngezandla ezifudumele nawumndeni kaPass Four.
Indodana kaPass Four, uMnu Khawulane Phungula, ikufakazele ukuthi bewumndeni sebevu-melene ngokuba uMasipala uBuhlebezwe ungashintshwa ubizwe ngoyise.
“Kusithokozisa kakhulu ukuthi emuva kwemi-nyaka ubaba ashona, sibone kuba nezifundo ngaye nezinhlelo zokuqoshwa komlando wakhe kuqanjwe nomasipala ngaye,” kusho yena.
Kuvele nokuthi kuqoshwe iDVD emayelana noPass Four ezofakwa emtapweni wolwazi
wendawo ukuze intsha ifunde ngaye.

Previous articleKuhlehlile ukubekwa kwemeya entsha
Next articleUMicho umfuna kwiZamalek uLorch