Umnyango uchitha eyokuputshuka kwamaphepha ka-matric “nohewa” ka-5%

312

THANDOLUHLE NGUBO

UCHITHA izinsolo zokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo zikamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo kuzwelonke. Lokhu kuvezwe ngokhulumela lo mnyango. uMnu Elijah Mhlanga, emuva kokusabalala kwezinsolo zokuthi kunezifundo okuphutshuke amaphepha azo.

Imibiko esabalele ilandelwe yisithombemnyakazo (video) si kangqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga (osesithombeni), ebesikhuluma ngokuthi kunamaphepha azobhalwa kabusha ngenxa yezinsolo zokuthi aputshukile. 

UMhlanga uthe kawekho amaphepha aputshukile, futhi izivivinyo zisaqhubeka kahle. Uthe isithombemnyakazo sikangqongqoshe esisabalele, sidala, akukho simemezelo esenziwe esithinta lolu daba kulo nyaka.

* Khonamanjalo, kusabalale eminye imibiko ethi abafundi baka-grade 4 kuya ku-9, bazokwengezelwa amamaki ngo-5% ezifundweni abazifeyilile. Lolu hlelo lokwengezwa kwamamaki lwethulwa wuMnyango wezeMfundo eyiSisekelo ngo-2020, ngesikhathi kubheduke ukhuvethe. 

UMhlanga uyichithile nale mibiko, wathi abafundi bazothola amamaki abawasebenzele. Utshele leli phephandaba ukuthi umnyango wethula lolu hlelo ngoba isikhathi sokufunda nokufundisa saphaza-miseka ngo-2020.

editor@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Previous articleUnxusa osopolitiki ukuqhela kwezemidlalo
Next articleUMosimane uphawula ngamahlebezi okufunwa yiChiefs