Umnyango ufisa amaphoyisa avalele abahlasele umhloli

304

THANDOLUHLE NGUBO

SIGXEKWE wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal isenzo sabantu okuthiwa bebehlome ngezibhamu nezinduku, abahlasele umhloli wesiyingi saseMlazi ngoLwesibili eseMziwamandla High School, kwaM, kuleli lokishi.

 Kubikwa ukuthi uMnu Shakeel Isseri, uhlaselwe ngabantu abangene esikoleni isinyenyela, bacasha ngemuva kwamagumbi okufundela. 

Imibiko iveze ukuthi u-Isseri ubekulesi sikole ukuyoqapha ukubhalwa kwephepha lesibili le-life sciences, likamatikuletsheni. Kuthiwa ngemuva kokushaywa kuka-Isseri, abasolwa babalekile bamshiya lapho, waze watholwa ngothisha bakulesi sikole,
bamphuthumisa emtholampilo. 

Esitatimendeni, uMnyango uthe uzolulandela luze ufike ekugcineni lolu daba, futhi ufisa amaphoyisa aqinisekise ukuthi bayaboshwa abenzi bokubi. Ungqongqoshe wezemfundo kulesi sifundazwe, uNkk Mbali Frazer, uzwakalise uNkk Frazer.

Previous articleSekuntwela ezansi ngokuhlukaniswa kwezikhwama zempesheni
Next articleUbaleke ngemoto yomsebenzi obulale umkakhe emagcekeni kamasipala