Umnyango ufisa sande isibalo sabesifazane abakwezolimo

723

Baxhaswa nangezimbewu labo abaziphilisa ngokutshala

MTHOBISI SITHOLE

UNKZ Lindokuhle Ngubane ehlola imfuyo epulazini lakhe. 
IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

UZIMISELE ngokuguqula umqondo wokuthi abantu abamnyama bayehluleka wukusebenzisa umhlaba uma uhulumeni uwubuyisela kubona ngokusebenza ngokuzikhandla umlimi wesifazane osemncane waseMsinga onepulazi eKokstad. 

UNkz Lindokuhle Ngubane (37), ongumnikazi wepulazi elibizwa ngeTsaR Beef aliqala ngo-R200 000 ngo-2015 – ukhuthaza abesifazane ukuba bagxile ekubeni ngabalimi, ikakhulukazi abafuyile. 

Uthi ngokujwayelekile lolu hlobo lwebhizinisi lugqame ngokuthi ngolwabantu besilisa noma abamhlophe kuphela. 

Utshele ILANGA ukuthi kwakuyisifiso sakhe kusukela esemncane ukuthi ngelinye ilanga aziwe njengomlimi ofuyile, owenza ushintsho empilweni yabanye abantu abaswele umsebenzi. 

“Ngakhuliswa ngugogo, kwakunemfuyo ekhaya. Ngangenza okuningi sinakekela imfuyo, lokheleka lapho-ke uthando lwayo,” kusho uNkz Ngubane. 

Uthi leli bhizinisi waliqala emuva kokubona isikhangiso sikahulumeni mayelana nomhlaba otshelekisayo, wabe esefaka isicelo wachaza nenhloso yakhe ngawo. 

Uveze ukuthi ufaka leso sicelo nje, wayesevele eyibekile imali encane okuyiyona aphemba ngayo ibhizinisi, wathenga izinkomo eziwu-10 neziklabhu eziwu-10. 

“Kunale nto yokuthi abantu abamnyama kabakwazi ukusebenzisa umhlaba uma uhulumeni uwubuyisela kubona, osekumele ishintshe. Ngifisa ukuba ngowesifazane ovelele ngokusebenzisa kahle umhlaba,” kusho yena. Utshele ILANGA  ukuthi ngesikhathi ewuqala lo msebenzi, wakwazi ukuqasha umuntu oyedwa, kodwa manje sebewu-7. 

Lezi zisebenzi zakhe uphinde aziqeqeshe ngokunakekelwa kwemfuyo. Uthi ulwenzile uqeqesho oluncane eCedara okuyikolishi lodumo lezolimo. 

Uveze ukuthi ngesikhathi ephothula umatikuletsheni eWykeham High School, eMgungundlovu ngo-2001, waqala iBachelor of Commerce e-University of Johannesburg (UJ), washiya phakathi wayokwenza iB-Com in Management e-University of South Africa (Unisa). 

Uthi emuva kwalokho wathola umsebenzi eVarsity College eqeqesha abezemidlalo, waphinda wasebenza nakwezinye izinkampani ezincane lapho ayeqokelela khona imali yokuqala leli bhizinisi.

 “Ngesikhathi ngisebenza, ngangilokhu ngincela ulwazi kwabanye abalimi ngalokhu engangikufisa. 

“Ngibonga uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal ngokophiko lwawo, i-Agriculture Development Agency, ngokungethemba kwawo nyakenye wanginika uxhaso olufinyelela ku-R8 million lokuthuthukisa leli pulazi,” kusho uNkz Ngubane.

Uveze ukuthi njengamanje izinkomo zakhe ziwu-285, kanti umnyango wezolimo umlekelele kakhulu kulo nyakamali ka-2019/2020 ukuze abe nesakhiwo semfuyo, ukudla kwezinkomo, ukujovwa kwazo nokunye. 

UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthi likhulu iqhaza okumele libanjwe wumnyango wakhe ukuqinisekisa ukuthi bayanda abesifazane emkhakheni wezolimo ngoba umnotho ulele khona. 

“Sifuna iphele le nto yokubukelwa phansi kwezolimo, kodwa makugqugquzelwe abesifazane ukuba bangene kuzona,” kusho uNkk Sithole Moloi. 

Utshele ILANGA ukuthi kulo nyakamali umnyango wakhe uxhase iTsaR Beef ngo-R4 million yathengelwa nezinkomo eziwu-100 kanti ezinye zazo zimithi. 

Uthe umnyango uyabalimela abantu ubanike nezimbewu uma befisa ukuziphilisa ngomhlabathi, kodwa okubalulekile wukuthi umlimi aveze asekwenzile ukuze ahlangatshezwe kwakudingayo. 

Previous articleIthemba kwiDowns kudliwa iChiefs
Next articleBadumele uZandile Gumede eqokelwa esishayamthetho