Umnyango uzokwakha imigomo yokubhekana nezipoliyane esikoleni

79

MTHOBISI SITHOLE

ISIFAKELWE izibuko inkinga “yokugula kwesintu” kwabafundi ezikoleni zaseNingizimu Afrika njengoba uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthi izimo ezingajwayelekile ezenzeka kubafundi ezikoleni, zande kakhulu KwaZulu-Natal
nase-Eastern Cape. 

Umnyango uveze ukuthi kuzokwakhiwa imigomo okumele ilandelwe ezikoleni uma abafundi bevukwa “wugula kwesintu”. 

Okhulumela umnyango, uMnu Ellijah Mhlanga, ekhuluma komunye umsakazo, uthe ngenxa yokuthi kuphazamiseka ukufunda nokufundisa uma abafundi sebevukwe wukugula okuhambisana nezinto zesintu, umnyango uqale uhlelo lokuxoxa nezinhlaka ezifanele ngenhloso yokuba kwakhiwe imithetho ezolandelwa kulezi zimo.

“Kwesinye sezikole KwaZulu-Natal, abantwana bebehayiza, bekubangiswana ngokuthi kubizwe umelaphi wesintu, abanye abazali befuna umkhuleko. 

“Siyaxoxa nezinhlaka zemiphakathi nezemfundo ukuze kwakhiwe indlela eqondile ezolandelwa uma kwenzeka lesi simo,” kusho uMhlanga. 

Uthe imigomo ezolandelwa izokube ididiyele imibono yezinhlaka ezithintekayo
emiphakathini. 

Umnyango usukumela lolu daba nje, kungenxa yezinkinga ezenzekayo ezikoleni, ezinye ezigcina zixabanisa othisha nabazali. 

Phakathi kwazo wukuphambana ngemibono ngabafundi abathwasayo, abafika ezikoleni begcobe ibomvu, abanye befake izintambo zabathandazi. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleImeya ixwayise abazophazamisa iphrojekthi yamanzi eDumbe
Next articleUmakoti ubalisa ngesizungu sikaShenge