Umnyango waseKZN unciphisa isibalo sabafundi abaphakelwayo ezikoleni

440

SIZONCISHISWA isibalo sabafundi (abaqhamuka emindenini entulayo) abathola ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal emuva kwamaholidi ePhasika, lokhu kudalulwe wumnyango wezemfundo kulesi sifundazwe.

Inhloko yalo mnyango, uMnu Nathi Ngcobo (esesithombeni), ikhiphe isekhula ethi sizokwehliswa ngo-5% isibalo sabafundi abahlomula kulolu hlelo ngenxa yokuntuleka kwemali yokuluxhasa. Iveze ukuthi uma lungenziwa ushintsho kuseyimanje, uhlelo lokuphakela abafundi luzophazamiseka kakhulu kunyaka-mali ka-2024/2025. Balinganiselwa ku-2 million abafundi abaphakelwayo kulesi sifundazwe.

Previous articleZiyakhula izinkinga zemali kwiSwallows
Next articleBashiyeke befisa impinda emcimbini weJazz