UMoshe Ndiki nohlelo olusha lukamabonakude

139

USAZIWAYO uMoshe Ndiki owake waveza ukuthi usezokuba ngubaba, uzokuveza konke lokhu ohlelweni lwakhe olusha olusihloko sithi ‘Life with Moshe’ oluzotshengiswa kuMzansi Magic ngonyaka ozayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini waveza ukuthi uzoba ngubaba wamawele ngosizo lomngani wakhe owayezowakhulelwa kusetshenziswa uhlelo olubizwa nge-surrogacy. UMoshe ungomunye wosaziwayo abathandana nobulili obufanayo kepha abakwazile ukufezekisa isifiso sokuba ngumzali, phakathi kwabo singaba umsubathi uCaster Semenya nesithandwa sakhe uViolet, umculi uToya Delazy nowakwakhe u-Alisson Chaig. Lolu hlelo lukaMoshe luzoqala mhlaka 28 January ngelesi 19:30.

Previous articleThola ILANGA kusasa (20 November 2023)
Next articleSilengisiwe isigwebo sowePirates kwelokushaya intombi