UMosimane uphawula ngamahlebezi okufunwa yiChiefs

199

LINDA XIMBA

UNKANKANYA eyokujoyina iZamalek yase-Egypt uPitso “Jingles” Mosimane ongadinge kuchazwa kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.

Ebuzwa yiLANGA Lempelasonto ukuthi uzolibhekisaphi njengoba esanda kwehlukana ne-Al Wahda yase-United Arab Emirates (UAE), uMosimane uthe akafuni ukutatazela, agcine ethatha noma yimuphi umsebenzi. 

Njengoba kunamahlebezi ammatanisa neKaizer Chiefs, uthe akekho oke wamthinta kule kilabhu. Uthe uwazwile namahemuhemu okuthi ufunwa yiZamalek namakilabhu aseSaudi Arabiam lapho afika khona wenyusela i-Al-Ahli esigabeni esiphezulu.

Ushiye i-Al Wahda ihleli endaweni yesihlanu kwi-log, ilandela ngemuva ngamaphuzu awu-5 kwabaqhwakele.

Umthombo osondelene nalo mqeqeshi uthe iyamheha eyokuthatha umsebenzi kwiZamalek, okumanje kayinamqeqeshi. Uthe okungamyisa kwiZamalek wukuthi iyizimbangi ezinkulu ze-Al Ahly ayishiya kungasekuhle njengoba ayehlale eklwejwa yizinkakha zayo.

Lo mqeqeshi uveze nokuthi umvulele izandla uKatlego “Killer” Mphela ukuyosebenza esikhungweni sakhe, iPitso Mosimane Soccer Schools njengomqeqeshi. Ubephawula emuva kokuvela kwemibiko ethi uMphela – owayengalibheki ipali – usesebenza njengomdayisi wezimoto
eMidrand, eGoli. UMosimane noMphela banobudlelwano beminyaka njengoba emqeqeshile kwiSuperSport United, kwiMamelodi Sundowns nakwiBafana Bafana. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Previous articleUmnyango uchitha eyokuputshuka kwamaphepha ka-matric “nohewa” ka-5%
Next articleBaphume ngebheyili kolwasePhala Phala