UMosimane uqwashiswa yiKaizer Chiefs

860

Ezimnandi ngoJali nezimbi ngoNascimento

SENZO SOKHELA

U-ANDILE Jali weSundowns 

INGEBHE kuPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngomdlalo ongase ucacise ngekusasa lezakhe nesicoco seligi.

IDowns izotholana phezulu neKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership namuhla ngoLwesine ngo-18h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. 

IDowns iya kulo mdlalo nje, inqobe ngomcacamezelo iLamontville Golden Arrows iyihlula ngo-1-0 koweligi ngoMsombuluko kusihlwa eSoweto. 

UThemba Zwane odlala esiswini obekukhalwa ngokuthi wehlelwe yifomu, usuke ebhentshini walibeka enethini ngomzuzu ka-90.

Lo mphumela wenze iDowns yavala igebe kwaba ngelamaphuzu amathathu kwiChiefs esesicongweni. Nakuba iDowns ibukeka ivunwa yizinto uMosimane uthi unovalo ngalo mdlalo.

“Ngeke ngiqambe amanga ngithi kuzoba wumdlalo olula, kuzoba nzima. Okungijabulisayo wukuthi siya kulo mdlalo ifomu yethu isithanda ukubuya. Sibe nomdlalo omuhle kwi-Arrows, besiwulawula. Izinto zibukeka zihlangana manje, nengxoxo engibe nayo noZwane kubukeka imshintshile ngoba ungene wasitakula kunzima. 

“Masethembe ukuthi ifomu yakhe izoqhubeka kulo mdlalo weChiefs ngoba siyabadinga abadlali bethu abanesipiliyoni ukuba benyuse amasokisi,” kusho uMosimane.

IDowns iya kulo mdlalo nje, u-Andile Jali ushaya ibuya njengoba esesiqedile isigwebo samakhadi aphuzi. URicardo Nascimento odlala emuva ngeke abe khona njengoba esesalelwe wumdlalo esigwebweni sakhe sekhadi elibomvu.

“Kuyasijabulisa ukubuya kukaJali ngoba sesizokwazi ukukhetha ngokuthanda ukuthi sibophela bani esiswini. Nokho ekaNascimento isasimise kabi ngoba besimdinga. 

“Kodwa-ke sizobophela laba esinabo yize nje ngingagculisekile ngendlela esibuye sivuzise ngayo amagoli,” kusho uMosimane.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa ngempelasonto imi kanje:-

NAMUHLA NGOLWESINE

E-ABSA Tuks Stadium: Bloemfontein Celtic vs Bidvest Wits 15h30.

E-Orlando Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 18h00.

KUSASA NGOLWESIHLANU

E-ABSA Tuks Stadium: Stellenbosch vs Chippa United 18h00.

NGOMGQIBELO

E-Emirates Airline Park: Orlando Pirates vs SuperSport United 13h30.

EDobsonville Stadium: Highlands Park vs Maritzburg United 13h30.

ELucas Moripe Stadium: AmaZulu vs Black Leopards 15h30.

E-Emirates Airline Park: Golden Arrows vs Cape Town City 18h00.

NGESONTO

E-ABSA Tuks Stadium: Bloemfontein Celtic vs Polokwane City 13h30.

E-FNB Stadium: Bidvest Wits vs Kaizer Chiefs 15h30.

EDobson-ville Stadium: Mamelodi Sundowns vs Baroka 18h00.

Previous articleIsikhulu samaphoyisa sizidubule nenkosikazi bafa
Next articleKUCHITHWE EYOKUXOSHWA KUKAKHUZANI