Uhamba phambili kuleli ngokunqoba izicoco kwiPSL
LINDA XIMBA
LOWO osehamba phambili kubalolongi baseNingizimu Afrika ukunqoba izicoco eziningi, udalule ukuthi wayengaqondile ukungena ekuqeqesheni njengoba isifiso sakhe esikhulu kwakuwusebenza njenge-physical trainer ngesikhathi edlala kwi-Ionikos yaseGreece ngama-1990s.
UPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi weSundowns utshele ILANGA ukuthi wayengaziboni engena agxile kulo msebenzi oshisayo nokho osumbeke ebalazweni washintsha nempilo yakhe neyomndeni.
Useshanele zonke izicoco zakuleli kusuka aqala ukuqeqesha esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL), eyibambe kwiSuperSport United.
“Kwakunomngani wami wase-Greece owayeyi-physical trainer yethu engazwana naye kakhulu, sihlale sindawonye. Wayengumgijimi kanti engakuqaphela ngaye wukuthi wayeyazi into ayenzayo ngoba ngabona ushintsho kimina ngendlela engase ngiqatha ngayo engipheka ngebhodwe elincane.
“Ngaze ngafisa ukuthi kungcono ukuba ngahlangana naye kudala ngoba wayeyenza into yakhe yize yabe isihambile iminyaka kimina,” esho.
Wakhishwa nguRaphael Chukwu ebholeni
Uthi impande yokuqeqesha yaqala ukutshaleka esedlala kwiRita Berlaar yaseBelgium lapho ayebuye abe yisekela mqeqeshi eqenjini lika-U/11.
Uveze ukuthi kuthe esebuyela kuleli kwiSundowns, wafika wangatholana nowayengumqeqeshi wangaleso sikhathi, uClemens Westerhof.
“Kwathi esexoshiwe uClemens sekufika uTed Dumitru, wanginxusa ukuba ngilekelele enkulisa yeqembu ngoba ngangingasitholi isikimu abagadli abanjengoRaphael Chukwu bevutha bhe. Izinto zangihambela kahle kuleliya qembu elalinoTso Vilakazi, uBennet Mnguni, uPeace Gumbi, u-OJ Mabizela, uCollen Makhanya no-Dan Semake.
Ngenxa yokunconywa ngabaqeqeshi yilapho engabona khona ukuthi lona wumkhakha osekumele ngigxile kuwona ngoba vele nothando lokudlala lwase luncipha,” esho.
Ukudlondlobala kwakhe kuqale esekwiSuperSport, ayijoyina elandwa ngumngani wakhe weminyaka uThomas Madigage (ongasekho) ezosiza uBruce Grobelaar, okwathi uma esexoshiwe lo mlisa owadlala kwiLiverpool yase-England, uMosimane wahlenga ikilabhu ezembeni. Uyinqobele izicoco iSuperSport.
Wake waqutshiswa nguHans Vonk eseNetherlands
Umqondisi weSuperSport, uStan Matthews ubabaza ikhono likaMosimane lokuhlale elangazelele ukufunda into entsha.
“Kwangicacela kudala ukuthi uPitso uzohamba elide ibanga kulo msebenzi. Wangimangaza ngesikhathi sise-England ngokohlelo lokuyocobelela ulwazi ebuya esethenge ibhuku elalibhalwe ngumqeqeshi we-baseball wase-USA.
“Ngathi ngimbuza ukuthi ihlanganaphi i-baseball nonobhutshuzwayo, wathi ufuna ukuthola kabanzi ngezindlela zokuhlala unqoba.
“Ngesikhathi sinikele eNetherlands siyokwakha ubudlelwano phakathi kwezinkulisa zeSuperSport neFeyenoord Rotterdam, wafika wahlaba umxhwele abaqeqeshi bakhona.
“Indlela acija ngayo iqembu elalinoRobin van Persie ngaleso sikhathi, yenza bamshayela ihlombe abaqeqeshi. Kakuyona into encane leyo, futhi-ke ekubeni yayenziwa ngumqeqeshi odabuka e-Afrika ongakazenzeli negama elitheni,” kusho uMatthews.
EseNetherlands uMosimane uthi wabuye waputshuka wayohabula ulwazi kwinkakha, uFoppe de Haan owayekwiHeerenveen.
“Ngasizwa nguHans Vonk owayedlala khona ngokungiqubisa emzini wakhe. Uma ngibheka emuva kangizisoli ngoba ngakwenza lokhu ngesikhathi abanye ozakwethu besemaholidini kuvalwe isizini kuleli,” kusho uMosimane.
Uchazwa njengesishoshovu sabampisholo kunobhutshuzwayo
Umngani wakhe uMike Ntombela futhi owake wasebenza naye kwi-Sundowns, udwebe isithombe esihlukile ngaye.
“UPitso uwuhlobo lomuntu ongakwazi ukuthula uma kunento abona ukuthi kayihambi kahle. Ukuthi-ke lokho kuzohlala kanjani kwabanye akanendaba, kodwa uyaxolisa uma kukhona abagxobeke izinzwane. Mina ngimbona njengesishoshovu sabantu abamnyama ebholeni ngoba uyasiqonda isimo sobubha abanye abaphuma kuso.
“Uma esenkundleni uyisilwi ngoba ufuna ukunqoba kodwa ngaphandle kwayo ungumfana waselokishini, obakhonzile abantu.
“Abanye kabazi ukuthi kunenqwaba yabadlali bakudala aseke wabasiza ngemali kodwa akathandi lokho kuphumele emphakathini ngoba kungaba sengathi bayahlazeka noma uyazikhukhumeza.
“Impumelelo yakhe kumele siyibuke ngokuthi noma ngabe usuka elokishini kodwa uma unikwe ithuba kumele ulibambisise okwezikhali zamaNtungwa,” kusho uNtombela.
USeema akamkhohlwa emkhokhela izindleko zokufundela ukuqeqesha
Umqeqeshi weChippa United uLehlohonolo Seema, uthi ukweleta uMosimane ngokumfaka emgqeni ngohambo lokuqeqesha.
“Ngesikhathi esakwiBafana Bafana wasikhokhela ukuqala izi-fundo zokuqeqesha ezazihlelwe yiSafa. Sasibaningi impela asisiza kwazise wayekholelwa ekutheni abanye bethu abadlalile kuleli nabalaziyo usiko lebhola lakuleli, liyosivelela nathi ithuba lokuhola iqembu lesizwe,” kusho uSeema.
Owadlala ngaphansi kwakhe uKatlego “Killer” Mphela, ukuqi-nisekisile ukuthi uMosimane uyakufaka ukushisa kubadlali.
“Uma udlala eqenjini lakhe kumele wazi ukuthi kakusiniswa amahleza. Ufuna nibe sekhasini elilodwa naye. Ukunika ama-homework okubuka ama-video ukuze uqonde ukuthi kumele ulungise kuphi amaphutha.
“Mhlawumbe abantu kabazi ukuthi ubesebenzisa ama-breatherlyser uma sizoqala ijimu ngoba efuna ukuqinisekisa ukuthi besingaphuzile ngayizolo. Ubefuna into eqondile,” kusho uMphela.
Udalule ukuthi uzalwa emndenini onabalandeli abaningi beKaizer Chiefs
Yize uMosimane, owadlala ngisho naseQatar, kwiJomo Cosmos, kwi-Sundowns nakwi-Orlando Pirates, esenqobe izindebe eziningi kodwa lokho kakumenzi adembesele ngokuzihlupha ngolwazi.
Njengamanje umatasa ngezifundo zeCAF Pro Licence azihambela eMorocco. Usekilasini nabaqeqeshi abasuka emakilabhini amakhulu ase-Afrika njengeRaja Casablanca, i-AS Vita Club, iFUS Rabat.
Uthi uhlale ekhuthaza nozakwabo ukuba bazihluphe ngokufunda njengoba abanye benza izifundo ze-Uefa C License.
Yini enye asafuna ukuyizuza? “Iphupho lami elikhulu wukuvundulula amakhono emazingeni aphansi ikakhulukazi ezikoleni.
“Sidinga ukukhiqizela iBafana Bafana abanye abadlali bezinga eliphezulu abazolandela uPercy Tau, baye phesheya ukuze bezobuya nesipiliyoni sokudlala phesheya,” kusho uMosimane.
Lo mqeqeshi, odabuka eKagiso futhi oveze ukuthi iningi emndenini wakhe lizifela ngeKaizer Chiefs, uganwe nguMoira obuye abe yimenenja yezindaba zakhe.
Babusiswe ngabantwana ababili. Abanye bathi uMosimane, onechashazi elingelihle lokuhluleka ukufaka iBafana Bafana kwi-Afcon yango-2012, sekumfanele ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala lwe-Order of Ikhamanga ngenxa yale mpumelelo yakhe. IZINKOMISHI EZINQOTSHWE NGUMOSIMANE:
KwiSuperSport United
* SAA Supa 8 neNedbank Cup
KwiMamelodi Sundowns
* Absa Premiership (kawu-5)
* Telkom Knockout (kabili)
* Nedbank Cup (kanye)
* Caf Champions League (kanye)
* Caf Super Cup (kanye)
* Africa Coach of the Year Winner (2016)