UMotaung ufuna iChiefs iqhwakele

428

Ubona izinto ziza kahle ngaphansi kwesandla sika-Arthur Zwane

USIHLALO weKaizer Chiefs uKaizer Motaung.

SENZO SOKHELA
UDALULA abakufuna kumqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usihlalo wale kilabhu uKaizer Motaung njengoba ekholwa wukuthi lomqeqeshi angazibuyisa izinsuku zenjabulo, yize kuzoba nzima. IZimpofana zizogadulisana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mdlalo kulindelwe ukuba unyakazise iTheku kwazise lesi yisikhathi samaholide, ligcwele liyanyimfika yizivakashi. Ngaphandle kwalokho, abathandi bebhola bakuleli sekunesikhathi eside belilambele ibhola lasekhaya njengoba belihlabe ikhefu lamasonto ayisithupha ngenxa yomqhudelwano weNdebe yoMhlaba yeFifa osanda kusongwa eQatar.


Ugcine unqotshwe yi-Argentina yehlula iFrance ngo-4-2 sekukhahlelwa amaphenathi. UMotaung, ekhuluma nabezindaba, uthe ikilabhu uyibona ihamba ngomgudu ofanele ngaphansi kobuholi bukaZwane. “Siqhamuke nomkhankaso wokuthi ikilabhu ibunjwe kabusha, esikholwa wukuthi uzothela izithelo ezinhle. “Abaqeqeshi babe nomsebenzi onzima kuqhutshwa lolu hlelo kwazise sifuna ukulwela izinkomishi. “Akuyona into elula kodwa ngiyakholelwa ekutheni sihamba ngendlela eyiyo,’’ kusho uMotaung. Uthi uyaziqhenya ngokwenzeka esikhungweni sokuthuthukisa amakhono sale kilabhu.


“Isikhungo sethu esithuthukisa amakhono senza kahle, sinqoba nezinkomishi, okusitshelayo ukuthi konke kuhamba ngohlelo. “Singangazibona izithelo zesikhungo sethu okwamanje kodwa khona okuzayo. “Kufanele singakhohlwaukuthi ikilabhu ikulesi simo nje kungenxa yokuthi ike yahlawuliswa yiFifa ukuba ingasayinisi badlali. “Siphoqelekile ukubheka ngaphakathi kuphela, senyusa abadlali abasebancane sabaletha esikimini esikhulu. “Ngale sizini sizobona lokho kuqhubeka kwenzeka, kodwa sizobe siyibhekile imakethe ukuze sizilungise izinkinga esibhekene nazo manje.’’


Uqhube ngokuthi ngale sizini, ufuna ukubona leli qembu lenze kangcono. “Sivivela ukuba nesizini engcono kuneyedlule. “Kodwa okuyikhona esikufunayo wukwenyukela phezulu futhi sihlale khona, ngoba yilapho esifanelwe wukuba khona.’

Previous articleUdutshulwe yikhehla wafa kubangwa ‘ukudleka’ komhlaba
Next articlezaKuqhakaza izitaladi uma Kuqhakaza zichomelana ngengqezichomelana ngengqephu