UMotsepe ungenelela olukaPitso Mosimane

634

Phambilini belusingethwe nguTrott Moloto

SENZO SOKHELA

UDABA lwenkontileka entsha kaPitso Mosimane neMamelodi Sundowns seluzingethwe ngqo yisikhulu sale kilabhu uPatrice Motsepe njengoba belusezandleni zikaTrott Moloto oyisikhulu ehhovisi likaMotsepe.

IZINDABA ezimnandi kubalandeli beMamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi udaba lukaPitso “Jingles” Mosimane selungenelelwe nguMengameli wale kilabhu uPatrice Motsepe.

Inkontileka kaMosimane neDo-wns iyaphela uma kusongwa isizini. Ngokomthetho lo mqeqeshi usenalo ilungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo. Kuvela ukuthi akhona amakilabhu amfunayo ngaphandle kwakuleli kuba-lwa ngisho namaqembu esizwe imbala.

Udaba lukaMosimane neDowns luyindida njengoba kuvela ukuthi sekuqedwe yonke into kodwa akakayeluli inkontileka. 

UMosimane uveze ukuthi useyinike konke iDowns, uselinde yona, konke sekulele kuyona. Leli phe-phandaba lithole ukuthi uMotsepe usezibambele mathupha udaba lwalo mqeqeshi. 

Kuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi uzomgcina.

Umthombo waleli phephandaba ozazi zonke ezeDowns, uthe: “UMotsepe ubona uMosimane enguSir Alex Furguson kule kilabhu, ufuna ahlale iminyaka. 

“Udaba lwakhe belusingethwe nguTrott Moloto osebenza ehhovisi likaMotsepe. Njengoba izinto zimile nje, uMotsepe usenqume ukuzibambela mathupha kulolu daba.

“Into evimbile nje kusayile nto yeCovid-19 kodwa usekubeke kwa-caca ukuthi uzomgcina. Amapha-phu phansi kubalandeli beDowns uMosimane usazohlala kule kilabhu, sekungavimba ezinye izinto eziseceleni kodwa uMotsepe usenqumile, uzomgcina.”

Imizamo yokuthola uMotsepe ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

UMosimane kweminye imithombo yezindaba uqinise idolo abalandeli bale kilabhu ngodaba lwakhe.

“Engifuna ukukusho wukuthi masilindeni. Nginethemba lokuthi kuzokwenzeka. Kangiyiboni into engavimba ukuthi kwenzeke ngaphandleke uma kungaqhamuka into enkulu, laphoke kangazi. 

“Kodwa uma ubuka izinto ngeso eliphusile kufanele kwenzeke.

“Ngikubeke kwacaca ukuthi ngifuna ukuhlala nami. 

“Ngikholwa wukuthi yilokho okufunwa yikilabhu ngaphandleke uma ikilabhu ingenandaba nemiphumela ibheka ezinye izinto eziseceleni. 

“Nokho ngikholwa wukuthi kuzokwenzeka ngoba abaphathi abebekufuna wukuthi ikilabhu inqobe izinkomishi. Yilokho-ke okwenzekayo njengamanje,” kusho uMosimane.

Previous articleumengameli ukhuthaze abakuleli ngolwenkululeko
Next articleUsuse umsindo umnikelo ‘ofunwa’ kumaNazaretha