Umphakathi uhlaliswe lubhojozi yizigilamkhuba ezidubulayo

562

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UHLELI lubhojozi umphakathi waseNkundusi, eMtubatuba ngenxa yeqeqebana lezigilamkhuba okuthiwa zihlasela zidubule amalungu omphakathi, amanye angenelwa ezindlini zawo. Kuthiwa umphakathi uyabikelwa uma sekuhwalala ngoba yilapho zanda khona izigameko zokuhlaselwa kwawo. 

Kubikwa ukuthi ngempelasonto kudutshulwe kwalinyazwa abafanyana abebesendleleni beya komunye umuzi obunomcimbi. Ngokuthola kweLANGA, abasolwa bakhombe laba bafana ngezibhamu babafuna imali, babaphuca umakhalekhukhwini maqede babadubula amanxeba amabili umuntu ngamunye. 

“Oyedwa kubona udedelwe ngalo usuku lwesigameko esibhedlela, omunye udluliselwe e-Albert Luthuli Hospital, eThekwini ngenxa yesimo abekusona. Kumanje sihleli ngokwesaba,” kusho ilungu lomndeni wezisulu, elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubamba inkunzi nelokuzama ukubulala. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleKuxwayiswe amaphoyisa ngamantshontsho uCele “evalelisa”
Next articleIzinyunyana zilindele lukhulu kungqongqoshe omusha wezemfundo KwaZulu-Natal