Umphakathi ujabulele o-R350 amaphoyisa “egingqa” ngenhlamvu abebewuhlupho

208

PHUMLANI GAMA

UJABULELE ukufa kwabesilisa abawu-9 umphakathi waseDesai, eMariannhill, eThekwini abasale enkundleni ngesikhathi betholene phezulu ngezulu lezandla namaphoyisa entathakusa yanamuhla ngoLwesithathu. Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole umkhondo ngabasolwa abebehlela itulo lokuyobulala umuntu. Kuthiwa besekuyisikhathi eside bewuhlalise lubhojozi umphakathi ngobugebengu obahlukene. Bebefunelwa uxhaxha lwamacala abucayi okukhona kuwona awokudlwengula, ukugqekezwa kwezindlu nokushaya. 


“O-R350 bethu nemali yeqolo namuhla bazosebenza ukujabulela ukufa kwabasolwa ngoba bebewuhlupho. Kuthe uma kuqhuma izibhamu, sacisha omabonakude ngoba sizitshela ukuthi sekuyibo benza lokho abahlala bekwenza, bebamba abantu inkunzi. Baphelile abanumzane lapha endaweni babulawa ngabafana abancane. Kulo muzi ababulawelwe kuwona, omunye wabo washaya waxosha uyise owayengumnikazi wawo ngoba efuna ukufaka abangani bakhe agila nabo imikhuba,” kusho ilungu lomphakathi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asezithendeni zabasolwa ababili okuvele ukuthi babalekile ngesikhathi kwenzeka isigameko.

Previous articleAmakhosi ahlangana nondunankulu mayelana nolukaDuma nombhobho
Next articleUmculi uLinric Toto uqhakambisa ubu-Afrika phesheya kwezilwandle