Ikhansela lisole ukungalalelwa kwabantukwephezulu
PHUMLANI GAMA
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
KUZOZANYWA izikole ezingomakhelwane beGiba High School, Kwa-Mnqobokazi, eHluhluwe, ukuze abafundi bakulesi sikole bakwazi ukuqhubeka nokubhala izivivinyo zokuphela konyaka emuva kokuba singqongqiswe ngomlilo entathakusa yangoLwe-sine ngoba kukhona abangeneme ngothishanhloko.
Ngokuthola kweLANGA, izinkinga ziqale ngenyanga edlule kulesi sikole. Kubikwa ukuthi kuye izikhulu zomnyango ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude, ziyokwazisa abazali nesigungu esilawula isikole ukuthi kuzoshintshwa uMnu Silwayiphi Hlabisa ongothishanhloko kulesi sikole, kufakwe uMnu Doctor Mbokazi osuswa eSiphondweni High School eMboza, KwaMhlabuyalingana, ngoba isikole sakhe sidonsa kanzima.
ILANGA selibike cishe kathathu ngezinkinga ezikhungethe iSiphondweni, phakathi kwazo okube wudaba lokushiswa kwamafodo akwaShembe.
Nakuwo lo nyaka, ILANGA libikile ngodaba lwabazali nabafundi abebekhala ngokuthi kabasamfuni uMnu Mbokazi eSiphondweni ngoba uyehluleka wukulawula isikole.
Kubikwe nenkinga yabafundi abebesebenzisa izidakamizwa, abanye bezidayisa udede esikoleni.
Leli phephandaba lithole ukuthi umhlangano okumenyezelwe kuwona ukuthi uMnu Hlabisa usejutshwa eSiphondweni, ubumhla ka-20 kuMandulo (September), kanti abazali, othisha nabafundi, bakhale bazithulisa. Mhla ka-11 kwabantukwephezulu kube nomhlangano wabazali, abafundi, izikhulu zo-mnyango nomkhandlu wenkosi yesizwe, uSabelo Ngwane. Kawu-banga nazithelo, kunalokho izikhulu zomnyango zitshele umphakathi ukuthi akukho okuzoshintsha, zizoshiya uMnu Mbokazi ngenkani kulesi sikole.
Umphakathi unqumele umnyango ugwayi katiki, wathi mawubuyisele uMnu Hlabisa mhla ka-14, kungenjalo kuzokonakala okuningi.
Ufikile umhla ka-14, kwaqala abafundi abakhiphane bebodwa emakilasini, bethi bafuna aphume aphele emagcekeni esikole uMnu Mbokazi. Kujoyine abazali namalungu omphakathi, kwangabe kusaqhubeka ukufunda kwaze kwaba wuLwesithathu olwedlule.
NgoLwesine entathakusa, kubonakale ngesikole sishunqa intuthu.
Ikhansela lendawo, uMnu Bongani Ngwane, lisigxekile isigameko sokuthungelwa ngomlilo kwesikole, lakhala ngesenzo somnyango wezemfundo sokungawulaleli umphakathi uma ubeka izimvo zawo.
“Thina njengohulumeni, ikakhulukazi we-ANC, kasihambisani nokucekelwa phansi kwezakhiwo, lokhu kubuyisela emuva umsebenzi osuwenziwe kwingqalasizinda. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kuwumphumela wokungakwazi ukulalela nokuhlonipha abantu uma bebeka izimvo zabo. Miningi kakhulu imihlangano ebekhona laphaya, iyodwa nje into efunwa ngabazali nomphakathi, wukuba kubuyiswe uHlabisa ngenxa yamagalelo akhe emiphumela emihle, etholakala minyaka yonke kubafu-ndi bakamatikuletsheni.
“Nomkhandlu wesizwe ungene-lile kulolu daba, kodwa konke lokhu kwangahlonishwa,” kusho uMnu Ngwane.
UNkk Phindile Mabika, ongusihlalo wesigungu esilawula isikole eGiba, uthe akukho azokuphawula ngalolu daba ngoba usenikwe umyalelo wokuba angalinge aphawule kwabezindaba.
“Khona ziningi izinkinga ezikhungethe lesi sikole njengoba nami sengize ngakhetha ukuziqhelelanisa naso ngenxa yokwesaba,” kusho uNkk Mabika.
Okhulumela uMnyango weze-Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe akukuhle ukuthi umphakathi ushise isikole uma kukhona ongagculisekile ngakho.
“Njengamanje umphakathi ubhekene nesimo sokungabinaso isikole, lapho abafundi bezobhalela khona izivivinyo zokuphela konyaka. Umnyango uzobheka izikole ezingomakhelwane naso lesi ukuze abafundi bezokwazi ukuqhubeka nezivivinyo.
“Lokhu kuzoba nemiphumela engemihle ngoba abafundi bazo-phazamiseka njengoba abanye bengase babhekane nenselelo yokuba bashintshe nezindawo zokuhlala,” kusho uMnu Mahlambi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala lokucekela impahla ngomlilo elivuliwe. Bekungakaboshwa muntu.