JOHN HLONGWA
UDEDELE amabhomu – eshayelela isipikili sokugcini – ukuba abasolwa bangayitholi ibheyili ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi eMlazi, uWarrant Officer Sibusiso Ntshangase, ongumphenyi wecala elimayelana nokubulawa kukaCapt Thomas Ntombela, owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku.
Abasolwa yinkosikazi kamufi uNkk Faith Ntombela noMnu Sithembiso Khumalo, onguthishanhloko waseMpephose Primary School, KwaMaphumulo.
U-W/O Ntshangase uveze la mabhomu ngesikhathi abasolwa betofaka isicelo sebheyili, sahlehliselwa isonto elizayo. Udalule ukuthi abamangalelwa baboshwa nje, bese bezame izikhawu zaze zaba mbili ukubulala uNtombela, behluleka.
“Ebufakazini engibuqoqile, kuvela ukuthi abasolwa ukumdlisa ushevu (uNtombela), bazama ukumdubula, baze bamnqoba ngokwesithathu. Itulo lokuqala kaliphumelelanga ngoba uKhumalo wazama ukuyothenga ushevu obulala izinambuzane notshani emapulazini, wangawuthola.”
Uveze ukuthi ngosuku umufi abulawe ngalo, ubefika kwakhe, umkakhe wamcela ukuba amphuthumele esitolo, ingane yabo yazama ukumphelezela kodwa unina wayinqabela. Ngemuva kwemizuzwana umufi ephumile, kuzwakale sekuqhuma kwesibhamu.
“Ingane yaphuma iyobheka uyise, yabona umuntu ofake umfaniswano wamaphoyisa ebaleka, uyise esedindilizile. Iqhubekile yamjaha, imemeza omakhelwane ukuba bayisize, kodwa bahluleka ngoba umbulali ubegijima ephethe isibhamu. Ngaleso sikhathi uNkk Ntombela waphuma wama phambi komnyango. Omakhelwane basiza uNtombela, bamphuthumisa esibhedlela, uNkk Ntombela wabalandela ngenye imoto. Kuvele ukuthi izibhamu ezimbili zikaNtombela – esomsebenzi nesakhe -nomfaniswano womsebenzi, ukuntshontshe wakunika inkabi ukuba ikusebenzise uma isibulala uNtombela,” esho.
Icala lihlehliselwe isonto elizayo.
hlongwaj@ilanganews.co.za
UNKK Faith Ntombela noMnu Sthembiso Khumalo abasolwa ecaleni lokubulawa kwephoyisa likaMasipala weTheku, uCapt Thomas Ntombela.