‘Umphostoli ubulale indodana bebanga ukuyoshumayela’

1276

Kuthiwa uyibhokode ngommese amanxeba phambi kwabantu

UMUFI uNhlakanipho Ntobela (20)okuthiwa wagwaza nguyise ngoba engayanga ukuyovangela emizini yabantu ngokwenqubo yebandla labaPhostoli.

TSEPO MOLEFE

SEZIHLALA ngokuqapha eqolo kuhle konwabu izingane zenceku yebandla labaPhostoli KwaBester, eNanda, eThekwini okuthiwa zisaba uyise ongaphandle ngebheyili emuva kokuba “wagwaza wabulala indodana yakhe” ngeledlule, edinwa wukuthi kayiyanga ukuyovangela emizini yabantu, yahamba yayokhithiza izimpahla zikaKhisimusi enxanxathelani yezitolo eGateway, eMhlanga.


Nayizolo ngeSonto umphakathi waKwaBester ubusababaza isihluku okuthiwa sakhonjiswa yilo mlisa (esiligodlile igama lakhe) ebulala indodana yakhe uNhlakanipho Ntobela (20) phambi kwabantu. Kuthiwa wayigwaza yabaleka, wayilandela yize seyibalekile ihamba nenxeba, wayiqedela emgwaqweni, eyigwaza esifubeni ephindelela. Kuthiwa umufi ongcwatshwe ngoMgqibelo, washonela endleleni ephuthunyiswa emtholampilo wendawo.

Omunye womakhelwane womndeni wakwaNtobela ocele ukungadalulwa utshele ILANGA ukuthi kusenzima endaweni ukwamukela le nceku. “Lo mnumzane uyithanda kakhulu inkolo yabaPhostoli njengoba eyilungu lokuqina layo. Kusethusile ukuzwa ukuthi usebulale ingane yakhe ngoba ingayanga emizini yabantu ukuyovangela. Sitholile ukuthi emini yayiyile enkonzweni, kodwa indaba kwaba wukuthi kayiyanga emizini yabantu ukuyovangela. “Lo mnumzane wasinda ngeNkosi njengoba umphakathi wawufuna ukuziphindisela kuyena ngakwenzile. Kwasiza indodakazi yakhe endala, yangena phakathi kwabantu yalamulela uyise nayo yagcina ithole amachaphazelo,” kusho lo makhelwane othi uMnu Ntombela waboshwa kodwa abafowabo bamkhipha ngebheyili bethi bafuna ayozingcwabela ingane yakhe ngoba uma bemyeka esitokisini, yibona abazobhekana nezindleko zomngcwabo.


“Kuyimanje izingane zethuka izanya egcekeni, zisaba uyise,” kusho yena. UNkz Lungi Ntobela owathola amachaphazelo kade elamulela uyise etitinywa wumphakathi, utshele ILANGA ukuthi akagunyaziwe ukukhuluma ngalolu daba, wacela ukudlulisela intatheli kwabadala. Onikezwe ucingo, obizwe ngomalumeILANGA eligcine lingalitholanga igama lakhe uluvalile. Kuthe uma lushayelwa futhi, lwangabe lusabanjwa. UMnu Cedric “Tumiza” Ntshangase oyikhansela lakwa ward-47 kuMasipala wase-Thekwini okungena kuwona indawo yesigameko usiqinisekisile lesi sigameko.


“Namhlanje ngoMsombuluko ngizohambela umndeni ngiyokhalisana nawo ngoba lesi sigameko senzeka ngingekho eThekwini. Kuwubulwane ukuthi ubaba angaphakamisa isikhali phezu kwengane yakhe, kugcine kuphume isidumbu. “Sizokhuthaza amakholwa angempela ngokuthi athandaze aqinise ngoba lesi sehlakalo ngesamadimoni futhi kasizimisele ukuphinda sizwe into enje emphakathini wethu,” kusho uMnu Ntshangase.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi ummangalelwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngeledlule wathola ibheyili. Uphenyo luyaqhubeka.

Previous articleSigadlile isivuvu sesine seCovid eKZN
Next articleKHETHA I-BMW X3 NOMA X4, ZIKHETHE WENA UQOBO