CALLISTUS NKWANYANA
KULE nyanga kumele noma ngubani azibuze ukuthi yiliphi iqhaza alibambayo ukuvika izingozi emigwaqweni.
Empeleni ukugwema izingozi emgwaqweni kumele kube yimpilo yansukuzonke. Le nyanga isuke isikhumbuza ukubaluleka kokuvikela thina nabanye ezingozini zomgwaqo. Cishe imindeni eminingi inezibazi ezadalwa yizingozi zomgwaqo lapha eNingizimu Afrika.
Abanye bakhubazekile, abanye balahlekelwa ngamaphupho abo, abanye balahlekelwa ngabathandiweyo ngenxa yalezi zingozi. Uma ungaqoqa bonke abantu abalimale ezingozini, ungacishe ubone ukuthi kufana nokuthi kade kunempi yomhlaba, yashiya izinkubela.
Into edabukisa kakhulu, wukuthi kulezi zingozi kunabantu abebeyihloniphile imithetho yemigwaqo, kodwa balinyazwa ngabayephulayo. Ziningi izinto eziyimbangela kulezi zingozi. Enye yazo yizincwadi zomgunyathi.
Ngiyazi ukuthi bonke abantu bayafuna ukuba nezincwadi zokushayela, kokho-ke kwenza balingeke, baze bazithenge. Into abayikhohlwayo wukuthi izincwadi kaziyishayeli, kodwa imoto ishayelwa ngumuntu. Usuke ubeka impilo yakho engcupheni ngalezi zincwadi zomgunyathi.
Lowo okhipha izincwadi zomgunyathi akahlukile kumuntu okunika isigwebo sentambo, kanti wena kawuhlukile kumuntu othathe intambo wayibophela emqaleni, wazibulala. Baningi abantu abangababulali ngezenzo zabo zobudedengu, befuna izindlela ezinqamulelayo.
Enye yezinto eziyimbangela yezingozi, wutshwala.
Leli didangqondo liyisoka elimangalisayo, lithandwa ngapha nangapha. Kawukho umcimbi elingamenywa kuwo, uma lishodile emcimbini, ubezwa bethi sayidla inyama, kodwa utshwala lutho. Uma sekuphele umcimbi ubabona bediyazela bebambelela ezimotweni zabo, bavule izicabha bangene. Abanye uzwa kuthiwa uma uke wamvulela isicabha uzongena ayishaye izule. Uma engayenzanga ingozi, uyakhohlwa wukuthi ubevikwa ngezinye izimoto emgwaqweni.
Abanye ubafica bebala amabhodlela abawaphuzile ngayizolo, besho nokuthi kabazi ukuthi bafike kanjani emakubo. Kababoni ukuthi lokhu kuyingozi kwabanye nakubo uqobo.
Uma laba bantu bebondla imindeni, kusho ukuthi bashiya inqwaba yabantu isele dengwane ezandleni zikahulumeni. Ucwa-ningo luveza ukuthi ebantwini abathathu abanezincwadi, oyedwa unezincwadi zomgunyathi.
Inkinga yasemgwaqweni ihambisana nokuziphatha kwabantu, lokho kusho imikhuba ethile esifana nempilo yakhe umuntu. Noma ingaqina kanjani imithetho, uma ingashintshi indlela yokuziphatha ngeke isize ngalutho. Kumele kube nezindlela ezizobhekana nokushintsha indlela yokuziphatha kwabantu uma besebenzisa imigwaqo noma besebenzisa izimoto.
Ngesikhathi sobandlululo, kwakukhona isigwebo sentambo. Abantu babenqunywa nsukuzonke, kwakungahlukene nokuthi kunamadela lapho abantu behlatshwa khona. Lokhu akubavimbanga abantu ukulwa nobandlululo. Into engashintsha isimo sezomgwaqo yindlela yokuziphatha kwabantu. Le ndlela kayikwazi ukunqamulela, idinga isineke ngoba ibhekene nengqondo yomuntu.
Umphumela wezingozi kwezomnotho ubalelelwa ezigidigidini zemali.
• UMnumzane: Callistus Bheki
Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance
and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the
Premier: Community Partnership and
Moral Regeneration
Ungumbhali wencwadi: “Talking to
yourself, the journey to self-
discovery”
Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@
gmail.com /0665445466 Ucingo/