Umqeqeshi akajabule ngabeBafana

809

UBross uthi usazothungatha abadlali

SENZO SOKHELA 

UMQEQESHI weqembu lesizwe la-kuleli iBafana Bafana akagculisekile neze ngezinga labadlali anabo nje-ngoba ethi usaphuma umkhankaso wokuthungatha  abaseqophelweni eliphezulu. 

IBafana iguqise ngo-1-0 i-Ethiopia emlenzeni wesibili kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. 

Igoli leBafana kube ngumkhonto ogwaze ekhaya kaGetaneh Gibeto.

UHugo Broos ololonga iBafana, uthi usemkhankasweni wokuthunga-tha abadlali abaseqophelweni eli-phezulu azosebenza ngabo. 

“Kancane kancane izinto zizohla-ngana, ngizogcina ngilihlanganise ka-hle iqoqo labadlali engizosebenza ngalo. Mhlawumbe kuzosithatha izi-nyanga noma iminyaka. 

“Kodwa khona ngisathungatha abadlali abangcono abaseqophelweni eliphezulu ngoba kuleli qembu esinalo buningi ubuthaka engibubonile. 

“Khona bekuzoba ngumlingo ukuthi ezinyangeni ezimbili ngifikile bese iqembu lidlala ibhola eliseqophelweni eli-phezulu. 

“Okwamanje sisalwela imi-phumela, ngokuhamba kwesikhathi ibhola elimnandi li-zobonakala ngoba sisebenza kanzima nethimba lami,’’ kusho uBroos. 

Lo mqeqeshi uthi akukubi kangakho eqe-njini lakhe, zisazohlangana izinto yi-khona nje ukuthi kuningi okusadinga ukulungiswa. 

Kulo mdlalo weBafana kubonakale okokuqala ngqa abalandeli njengoba kungeniswe mahhala laba abagomile abebengu-2000. 

UBroos uthi babe wusizo olukhulu abalandeli futhi unethemba lokuthi nasemdlalweni weZimbabwe ngo-Lwezi (November) bazoba khona.

IBafana iyona eqhwakele ku-group G ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emine. 

Ilandelwa yiGhana ngangu-9 emi-dlalweni efanayo. 

Ukuze iBafana ingene emidlalweni yeNdebe yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo, kufanele inqobe iZimbabwe ekhaya bese okungenani idlala ngokulingana neGhana ekuhambeni.

Le midlalo izoyidlala ngenyanga ezayo. Bonke abazonqoba amaqoqo awu-10 e-Afrika bazoqhathwa ukuze kuphume abahlanu abazomela leli zwekazi kwiNdebe yoMhlaba eQatar. 

IZimba-bwe ne-Ethiopia abaseqoqweni elilo-dwa neBafana sebe-ya-phelezela, kuphelile ngabo.

Previous articleGRADE 9 Learners Competition – Term 2
Next articleKusize ILANGA kobexoshwa esibhedle