Umqeqeshi ubona zidinga ucwaningo olujulile izinkinga zeChiefs

212

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uCavin Johnson (osesithombeni), uthi zidinga ucwaningo olujulile izinkinga ezikhungethe le kilabhu osekuphele iminyaka ewu-9 inganqobi neyodwa inkomishi kwezibangwa kwiPremier Soccer League (PSL). Uthe kuzofanele bazinuke amakhwapha, bacabange ngabazimisele ukukwenzela le kilabhu. “Lapha ngikhuluma ngethimba labaqeqeshi nabadlali abanezinkontileka ezinde kuneyami. Kufanele sinqume ukuthi yini okufanele siyenze emidlalweni ezayo ukuze sizokuba nesizini ehloniphekile futhi engcono,
sikwazi ukuyiqeda (isizini) ngenothi eliphezulu ukuze sitshengise umphakathi nabezindaba ukuthi sifuna ukwenza uguquko,” kusho uJohnson.

IChiefs izobhekana nomkhaya iMoroka Swallows koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-17h45 eFNB Stadium, eSoweto. Iya kulo mdlalo nje, iyinhlekisa ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuwashiswa ijezi yiMilford FC – egijima kwiMotsepe Foundation Championship – ngo-5-4 wamaphenathi koweLast 32 yeNedbank Cup ngeSonto ebusuku eFNB Stadium. 

Previous articleKusize inkosi uMnyango wezeMfundo utotoba kolokwakhiwa kwesikole
Next articleUsagcwele amathafa osolwa kwelokuqothwa komndeni