Umqeqeshi ugoloza ukudedela umdlali ozingelwayo

959

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wekilabhu egijima kwi-Absa Premiership ugoloze ukudedela umdlali wakhe okuvela ukuthi ubeseshelwa ngamakilabhu isinyenyela ngoba nakhu emdelele esidlangalaleni. 

UGavin Hunt ololonga iBidvest Wits uke waba sematheni egxeka esidlangalaleni uSifiso Hlanti emuva kokuba ezakhe zihlulwe koweligi yiSuperSport United. 

UHunt ulibeke ngesihloko emuva kwalo mdlalo ukuthi uHlanti nguyena obadliselile futhi kade abaqala. Uze wathi isizini yonke uyabadlisela. 

UHunt uxolisile ngesenzo sakhe.

Leli phephandaba lithole ukuthi uHlanti ngendlela abedinwe ngayo bekungavumi amxolele lo mqeqeshi. 

Kuthiwa kunamakilabhu abesezama ukushela uHlanti efuna ukungena ngaleli nxeba. 

Nokho kuthiwa uHunt unqabile, wathi akayi ndawo yingakho exolisile. 

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UHunt uma engasakufuni akalokhu eshona le nale. Uma nike naxabana uyakudedela. 

“Uxolisile kuHlanti ngoba usamudinga. 

“Kunamakilabhu abesefuna ukusebenzisa leli thuba ukumeshela kodwa wawatshela eziqwini zamehlo ukuthi akayi ndawo usazomsebenzisa. 

“Kunalokho useyalele abaphathi bekilabhu ukuba bavele bayelule inkontileka yakhe ize iphele ngo-2022,” kusho lo mthombo. 

UHunt ebuzwa ngalolu daba ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke ande ngamaningi, angakusho nje wukuthi uHlanti akayi ndawo usazohlala kwiWits. 

Uthi uhlalele emthandazweni nje ukuthi iligi iphothulwe ingavele iqedwe imidlalo ingaphelile. 

“Le-coronavirus imise kabi umhlaba wonke futhi ngiyanxusa ukuba abantu benze konke abakutshelwayo. 

“Kodwa-ke ngiyathandaza ukuthi yonke le nto idlule bese iqedelwa imidlalo yeligi. 

“Ngeke kungijabulise ukuthi ivele iqedwe imidlalo ingaphelile,” kusho uHunt.

Previous articleuveza okumyisa e-england ufurman
Next articleizoqhubeka ngaphandle kwezihibe imidlalo emibili yesibhakela