Umqeqeshi weBucs uxwayisa ezakhe ngengozi

142
UJOSE Riveiro ololonga iBucs uthi bazolisebenzisa ithuba ukuvikela isicoco sabo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UXWAYISA abadlali bakhe ngengozi umqeqeshi we-Orlando Pirates esemkhankasweni wokuvikela isicoco seMTN8. IBucs izobhekana neStellenbosch emlenzeni wesibili we-semi final yeMTN8 kusasa ngeSonto ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs iya kulo mdlalo nje, isilufakile unyawo olulodwa kowamanqamu njengoba inqobe ngo-2-1 emlenzeni wokuqala obuseKapa. Nokho isapholisa amanxeba njengoba ihlulwe ngo-1-0 yiMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngoLwesithathu kusihlwa khona e-Orlando Stadium. UJose Riveiro ololonga iBucs uxwayise abadlali bakhe ngengozi abangase babhekane nayo uma bezoya kulo mdlalo sebezitshela ukuthi sebewunqobile. “Lo mdlalo sihlose ngawo ukuthi sibuyele ekuwineni imidlalo njengoba besenza ngaphambi kwalo mdlalo weSundowns.


“Sifuna ukuwunqoba lo mdlalo weStellenbosch futhi nezinto zivuna thina njengoba sihamba phambili ngo-2-1. “Akufanele kodwa sibathathe kancane,kuzomele sibagade ngoba bayingozi. “Bayasazi ukuthi siza nani, ngakho-ke abadlali bami kufanele baqaphelisise ngoba kusengenzeka noma yini. Siwulindele umdlalo futhi nginesiqiniseko sokuthi sizothola umphumela omuhle,” kusho uRiveiro. Uthi bafundile emaphutheni abawenze emdlalweni weSundowns. “Kulo mdlalo weSundowns bekungathi akusithina, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Kodwa-ke anginankinga kangako ngoba ngiyazi ukuthi abafana bami bazobuya ngamandla. “Leli yithuba lethu lokuthi sizithole sikomunye futhi umdlalo wamanqamu. “Siyayifuna le wini futhi sikuqonda kahle ukubaluleka kwalo mdlalo kwazise sifuna ukuvikela isicoco sethu,” kusho uRiveiro.

Previous articleOwezemfundo eKZN uhlole izincwadi ezizosatshalaliswa ezikoleni
Next articleUculela ukwelapha imiphefumulo yabantu