Bayehluleka ukunqoba imidlalo abasuke beyithwele
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMandla “Mhloli” Ncikazi (osesithombeni) ubalisa ngeshobolo elilokhu lilandele le kilabhu selokhu kuqale isizini lokwehluleka ukunqoba imidlalo abayithwala kusuka iqala ize iyophela.
Lokhu ukuzwakalise emuva kokuba iBucs icazelane amaphuzu neLamontville Golden Arrows kuba ngu-0-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IBucs iye kulo mdlalo kubhekwe ukuba iyokhiphela isibhongo kwi-Arrows kwazise igcine ihlulwe ngomkhaya iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweligi.
Nokho i-Arrows ilwe kwaze kwaba uyophela umdlalo ingafuni lutho oluqhamuka neBucs. Empeleni i-Arrows isizwe ngunozinti wayo uNkosingiphile “King” Gumede ovimbe amabhola anzima kanjalo nepali njengoba iPirates ilishaye izikhawu zaze zambili engabona-nga lutho lo nozinti.
UNcikazi uyabalisa ngokuphikwa ngamagoli kweBucs.
“Uma ungalifaki ibhola enethini ngeke uwunqobe umdlalo. Ngikholwa wukuthi kulo mdlalo siwuthwale ngale ndlela yokuthi bekufanele sithole igoli. Ngaso sonke isikhathi ibhola kalihlali lapho kufanele khona. Kodwa ke sizolokhu siqhubekile nokuzama ngeke siphele umoya.
“Sikholwa wukuthi kuzokwenzeka ngesinye isikhathi, kodwa kakwenzeki njengamanje.
“Kulo mdlalo besingcono uma ubheka indlela esakhe ngayo amathuba. Ngigxeka into eyodwa yaleli bhola elingafuni ukukhalakathela enethini. Sethemba ukuthi emdlalweni olandelayo sizolapheka lesi sifo.
“Ngesizathu esithile ngihlalele ethembeni lokuthi indlala yamagoli yelapheke ngoba umdlalo webhola uwunqoba ngokushaya amagoli.
“Thina sisenkingeni, kakusiwo lo mdlalo kuphela, emidlalweni yethu edlule sishwebe amathuba,” kusho uNcikazi.
Nokho uthi babathembile abadlali babo ukuthi bazoziguqula izinto.