SENZO SOKHELA
UMQEQESHI wamaZulu FC osamisiwe emsebenzini uJosef Vukuzic (osesithombeni) uphawula ngodaba lokuncishiswa kwamaholo abasebenzi kule kilabhu eholwa nguDkt Patrick Sokhela.
Ngaphambi kokuba kuvalelwe igciwane le-coronavirus uSuthu luqhelise uVukusic esigqikini sokuqeqesha indawo yakhe yathathwa okwesikhashana ngu-Ayanda “Cobra” Dlamini olekelelwa nguMoeneeb Josephs.
UVukusic selokhu kuvalwe izwe uvaleleke yedwa eMhlanga kwazise umndeni wakhe ukwelakubo eSlovakia.
Ekuqaleni kwaleli sonto kusabalale imibiko ethi uSuthu lungase lube yikilabhu yokuqala kuleli ukunciphisa imiholo yabasebenzi balo kubalwa eyaba-dlali neyabaqeqeshi.
Kuthiwa lokhu kungase kwenzeke ekupheleni kwayo le nyanga.
Leli phephandaba libuza uVukuzic ukuthi ngabe sezifinyelele yini kuyena lezi zindaba uthe: ‘’Bengingakezwa kodwa-ke e-Europe kade yaqala ukukhulunywa le nto nalapha bengikulindele ukuthi izogcina yenzeka uma isimo siqhubeka kanjena.
“Ngiyasiqonda isimo umhlaba wonke obhekene naso, isimo somnotho sibi yonke indawo.
“Ngeke ngiwasole nakancane AmaZulu uma engenza le nto ngoba yinto eyenzeka umhlaba wonke.
“Abadlali nabaqeqeshi abaningi emazweni ase-Europe sebencishiselwe imiholo abanye bazenzele bona ngokwabo.
“Ukuze kungagcini kulahleka imisebenzi kufanele kube khona okwenziwayo vele.
“Okufanele sikuqonde wukuthi isimo sinzima emhlabeni jikelele naseSlovakia lapho engidabuka khona isimo sibi,’’ kusho uVukusic.
Lo mqeqeshi kuvela ukuthi kunamakilabhu avele aseqalile ukumeshela ngakubo.
Kuthiwa afuna azowatakula uma sekudlule yonke le nto ye-coronavirus.
“Kuyiqiniso ukuthi akhona amakilabhu angixhumayo ekhaya kodwa leyo ndaba akuyona into engithanda ukukhuluma ngayo.
“Ngasekhaya ngiyaziwa futhi ngiyahlonishwa, amakilabhu amaningi ayangazi.
Kodwa-ke okuningi kuzocaca ngokuphela kwale nto kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngisathanda ukusebenza kuleli,” kusho uVukusic.
Limbuza leli phephandaba ukuthi usichitha ngani isizungu njengoba egungquza yedwa endlini eMhlanga uthe: “Angifuni ukuqamba amanga kunzima ngoba cishe ngiphumela emnyango emuva kwezinsuku ezinhlanu, nakhona ngisuke ngiyofuna ukudla uma sekungishodela.
“Kodwa-ke isikhathi esiningi ngisichitha ngokukhulisa ulwazi lwami lokuqeqesha kunezincwadi engizithenga online ezingisizayo.
Ngibuye ngizibukele imidlalo yakudala ngiyihlaziye.
“Ngiyajima khona lapha endlini ukuzigcina ngisesimweni.
“Ntambama ngivamise ukwenza i-videocall nendodakazi yami ngiyenzise umsebenzi wesikole.
“Sengizijwayeze nokubuka amafilimu njalo kusihlwa.
“Kunzima kodwa nginethemba lokuthi izogcina idlulile yonke lento,” kusho uVukusic.