UMr Magic ucacisa ngesinqumo sokujoyina i-EFF

510

LUCKY CAIN

UCACISA ngokujoyina kwakhe i-EFF uLinda “Mr Magic” Sibiya – owayengumsakazi ongaconsi kubalaleli boKhozi FM – osekusabalele imibiko ethi useyilungu lokuqina laleli qembu. Uthi okwenze wajoyina leli qembu wukuthi liyawahlonipha amaciko futhi liyawanika nendawo yawo kulona. Uthe akukhona ukuthi ugaqele izikhundla, kodwa yingoba uyawabona amagalelo e-EFF, ikakhulukazi ekumeleni intsha. Uveze ukuthi uzimisele ngokulisebenzela leli qembu njengoba ezobe ebonakala kuyona yonke imicimbi yalo, ukuqinisekisa ukuthi lenza kahle nasokhethweni lwangonyaka ozayo. Uthe ukujoyina kwakhe leli qembu akusho ukuthi usengusopolitiki, kodwa uyilungu lokuqina nje kanti usazoqhubeka nemisebenzi yakhe kwezikaqedisizungu njengoba engumethuli wezinhlelo zikamabonakude. Uthe ikhono lakhe kwezokusakaza lizozwakala nasemsakazweni waleli qembu – osanda kwethulwa – i-EFF Podcast, otholakala online.

Previous articleUBig Zulu ‘akanavalo’ngempi yesibhakela nosomabhizinisi
Next articleUshaywe ngoswazi oluncane owatshala imali kamasipala “ngenkani” eVBS