UMSAKAZI NOMKHANKASO WOKUSIZA ABANAMABELE AMAKHULU

607

LUCKY CAIN
UMSAKAZI NOMKHANKASO WOKUSIZA ABANAMABELE AMAKHULU Uthi nakuba engumsakazi unxuse abesifazane abanesifiso sokuthola leli thuba eliyingqayizivele ukuba balandele imininingwane ezinkundleni zakhe zokuxhumana ukuze bakwazi ukuhlomula. UTee utshele leli phephandaba ukuthi nakuba umculo usenhliziyweni yakhe kodwa okwamanje kakukho okuphathelene nawo amatasa ngakho. Nokho uthembisa ukubuya ngegiya eliphezulu ngonyaka ozayo. Kuzokhumbuleka ukuthi waphuma kwi-8 emncintiswaneni fiso sokuwanciphisa umlingisi wemidlalo kamabonakude ophinde abe ngumsakazi we-East Coast Radio, uTee Xaba (osesithombeni).


UTee oshayela uhlelo lwakusihlwa phakathi nezinsuku kulo msakazo ozinze KwaZulu-Natal, useke wabonakala emidlalweni kamabonakude eyahlukene okubalwa kuyo Uzalo, kwiMy Kitchen Rules, kwi-Idols SA, kwiThe Esta. Ekhuluma neLANGA Langengalo mkhankaso wakhe obizwa ngokuthi My Breast Friend, uthe ufikelwe yilo mcabango ngenyanga edlule uMfumfu (October) lapho bekuyinyanga yokuqwashisa khona ngomdlavu. Uthe ngokubona iningi labantu besifazane bebanenkinga yomdlavuza wamabele, uqhamuke nalo mkhankaso ngokubambisana no-Dkt Susan oyi-Plastic Surgeon ukuze banike owesifazane oyedwa ithuba lokukwazi ukusheshe asinqande lesi sifo.


Uthe esikhathini esiningi abesifazane abanamabele amakhulu basengcupheni yokuhlaselwa yilolu hlobo lomdlavuza okuyisona sizathu esenze wabambisana nalo dokotela ukuze kusifuthi ngalo mkhankaso naye usezinhlelweni zokuwanciphisa nawakhe. “Amabele amakhulu amanye adala inkinga enkulu njengoba kwabanye kubalimaza umgogodla, bahlale bekhala ngezinhlungu kanti abanye baze bazithole sebenomdlavuza. “Ngibone ngami, ngakho ngifuna ukunika owesifazane ithuba lokuba asizakale, akwazi ukunciphisan amabele akhe kanye nami njengoba sizobambana ngesandla, sikwenze lokhu sobabili. “Lo owesifazane engizomqoka uzoba ngumngani we-Idols ngo-2017.
lucky.cain@ilanganews.co.za







Previous articleUTHEMBISA UKUKHUPHULA IZINGA KWIGCWALISA ELANDELAYO
Next articleUchaza ngothando noMdlokombana