Umsakazi ufezekise umshado kwasebethandane iminyaka ewu-23

456

Abalandeli bathintwe wumbhalo woweVuma FM, banikelela umgcagco

THANDI ZONDI
KUPHENDULEKE imithandazo yeminyaka kowesilisa obekhulekela amandla okushadelwa yisithandwa sakhe seminyaka ewu-23, kodwa enenkinga yokungabi nawo amandla ngenxa yemali encane ayihola emsebenzini awenzayo wokuba ngunogada. UMnu Nkosinathi Hadebe (37) waseLuganda, eMariannhill, ufonele isiteshi somsakazo iVuma FM,ohlelweni lukaJacinta Ngobese iCruise, ecela ukuba kudlalelwe isithandwa sakhe, uZandile Cele izingoma. Umsakazi umbuze ukuthi sebethandane isikhathi esingakanani, wamphendula ngokuthi sekuphele iminyaka ewu-23, uyafisa ukushadelwa kepha yimali engekho. Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uJacinta, uthe: “Uchazile ukuthi uyafisa ukushadelwa kepha amandla akanawo.


“Ngibe sengifonela nesithandwa sakhe, naso sasho ukuthi sebedlule kokuningi futhi kabasahlali nandawonye.” Uthe ubone kungcono ukuba abhale ekhasini lakhe leFacebook ngalolu daba, kanti abantu bazothinteka, banikele. UNkosinathi uthi uswele imilomo eyinkulungwane yokubonga njengoba iminikelo ilokhu iqhubeka nokungena njalo. “Kuzofezeka iphupho lami lakudala lokuba ngishadelwe ngu-Zandile. Phela inkinga bekuwukuthi amandla bengingenawo. “Ngijabule kakhulu. Besesiyekile nokuhlala ndawonye ngoba isintu okuyisona esikholelwa kusona, kasikuvumeli lokho (ukukipita)

  • kasivumi ukuba ngihlale nengane yomuntu ngibe ngingayenzele lutho,” kusho uNkosinathi. Uthi sekuphele iminyaka ewu-12 esebenza engunogada. “Lo msebenzi ngawuqala ngisahola u-R1 800 ngenyanga, imali kunzima ukuyibeka ngoba incane le engiyitholayo ekubeni nezinto ziyabiza,” kusho uNkosinathi. Lezi zithandani zinezingane ezimbili ndawonye, eyokuqala ineminyaka ewu-16, eyesibili inemithathu. Uthi kubalulekile ukubekezelelana ebudlelwaneni kanjalo nokuhloniphana. Ugcizelele nobumqoka bokungamfaki umuntu wesithathu. “Into engiyithandayo ngoZandile wukuthi uyalwazi udaba lwakhe, selokhu sathandana akakaze angicele imali ye-airtime noma yezinwele. Nokho uyazi ukuthi uma ngino-R50 ekhukhwini, usuke ezowuthola uR30. Mina naye sidalelwene,” kusho uNkosinathi.

  • UJacinta uthi uthobekile yindlela abantu abenze ngayo. “Lesi senzo siyatshengisa ukuthi kuningi esingakwenza uma sisebenza ndawonye njengabantu abamnyama,” kusho uJacinta. Lezi zithandani zizobopha ifindo likasofa silahlane ngomhla ka-17 kwephezulu. Phakathi kweminikelo ephumile imi kanjena:-
  • Billy Dlamini (izindandatho)
  • Londiwe Lolo Shezi (imisiko yesintu nebhokisi lomshado)
  • Tubuza KaDasile (ithende nokulihlobisa)
  • Yapha Mbambo (izithombe ne-video)
  • Zinhle KaMagwaza Biyela (izimbali)
  • Chef Samke (Uzopheka)
  • Chef Sinenhlanhla Mkhize (ikhekhe)
  • Carol Mbhele (Aluminium Black Glass Marquee with slidings windows and glass doors)
  • Philisiwe Ngcobo (okokuziphaqula)
  • OkaMageba (Sound System and Performance)
  • Wiseman Mavundla Mkhize (inkomo)
  • MC: Nomalizwi MC Mhlongo (umphathi wohlelo)
  • Ezonation Mobile Bar (Mobile bar ehamba namacocktails amahhala awu-100)
  • Sikhona ‘Skho’ Phakathi (ama-fridge nethoyilethe)
  • Mandy Chibambo (izingubo zomshado)
  • ZEE HAIR Collection (weave and styling)
  • Moja Love (izoshutha umshado)
  • Myeza Traditional Chemist (umnikelo ka-R10 000) No-BI Phakathi okhiphe isamba semali esingeke sidalulwe.
Previous articleUthi udingaukwelulekwangokomqondoosinde bebulawa
Next articleUgeqe amagula uShengeemhlanganweni wabaNtwana