“UMsholozi akafani nabanye obaba”

1474

Kubalisa ingoduso ikhuluma neLANGA LangeSonto

SANDILE MAKHOBA

ISITHOMBE esifakwe nguNonka Conco ephethe indodana yakhe lapho ebhale khona umbhalo oqubule indida ngobudlelwane bakhe noMsholozi.
ISITHOMBE NGU: INSTAGRAM/NONKA CHONCO

INGODUSO kaMnu Jacob Zuma, owayengumengameli wezwe, iphefumule kwiLANGA LangeSonto ngombhalo wayo onokubalisa ngokuba ngumzali ongayedwana, ewunameke ekhasini layo ku-Instagram.
Kulowo mbhalo iphawula ngobuhlungu bokwamukela isimo sokuba ngumzali ongayedwana. Iphinde futhi iphawule ithi: “Khona izimo ezike zifike ezidinga ubaba wenga-ne, kodwa amukho, ubuhlungu obujulile engasoze ngabukhohlwa.”
Ephawula kuleli phephandaba uNonkanyiso Conco (ingoduso), uqale ngokuqinisekisa ukuthi impela nguyena onameke lo mbhalo. Wathi usekwamukele ukuthi uyise wengane yakhe akafani nabanye obaba.
“Sengimukele isimo sokuthi ubaba wengane yami akafani nabanye obaba, abakhulisa bahole imindeni yabo ngokwejwayelekile. Asikwazi ukulindela ukuthi abekhona ekhaya zonke izinsuku, ahambe nathi ezitolo, noma asiphelezele kudokotela uma igula ingane njengabanye obaba,” kusho uNo-nka.
Ebuzwa yileli phephandaba ukuthi bunjani ubudlelwane buka-Msholozi nengane, uphendule wathi: “Umphakathi uyazi ukuthi unezingane ezingaki, futhi akasiye owesilisa ophila njengabanye. Wayekade engumengameli, unomuzi omkhulu, kanti uyindoda enesithembu. Uma ithuba livela, uyasenza isikhathi sokubona indodana yethu.”
Ku-Instagram uNonka uqhubekile wathi: “Ukhula ngamandla undodana. Inhliziyo ihaqwa wuvalo uma ngicabanga ukuthi engabe imibuzo ayoba nayo ngiyoyiphendula ngithini.”
Uthe usezitshelile ukuthi uzowuthwala wonke umsebenzi wokukhulisa indodana yakhe.
Okhulumela umndeni wakwaZuma, uMnu Ray Zuma, utshele leli phephandaba ukuthi akukho sikhalo abasasizwile kuNonka.
“Konke ngigcine kuhamba kahle, kodwa uma kukhona okungalungile uNonka ngeke aye emaphepheni ayobika kuwona, uyayazi imigudu okumele ayilandele. Njengoba engakaze asho lutho nje, ngithatha ngokuthi konke kuhamba kahle. Kodwa njengoba senisithintile, sizomthinta sizwe kahle,” kusho uMnu Zuma.
Ebuzwa ngesimo sempilo kaMsholozi, uthe njengamanje usesimeni esikahle.
UNonka uphinde waveza kuleli phephandaba ukuthi umatasa nokuqopha uhlelo olukhuluma ngempilo yakhe, oluzotshengiswa kumabonakude. Nokho akadalulanga mininingwane ngalo.
makhoba@ilanganews.co.za

Previous articleOweBucs akafuni ukuyifaka ekhanda iligi
Next articleUcweba izinyembezi “ngokunukubezwa” ngumasitende