Umshushisi ubulawe phambi kwenkantolo

740

Kuthiwa uvinjwe yimoto esangweni, wadutshulwa

AMAPHOYISA avimbe lapho kudutshulwe kwabulawa khona umshushisi eseyongena enkantolo yaseMlazi ngoLwesithathu ekuseni. Isale inezimbobo zezinhlamvu imoto kaMnu Lonwabo Booi obengumshushisi, obulawe eyongena enkantolo yaseMlazi ngoLwesithathu. ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN

SKHOSIPHI MTHEMBU

SISHAQISE abantu baseMlazi isigameko sokudutshulwa, kubulawe umshushisi eseyongena enkantolo yakuleli lokishini ngoLwesithathu ekuseni. Kubikwa ukuthi uMnu Lonwabo Booi udutshulwe ngabesilisa ababili abebehamba ngeToyota Quest e-blue. ILANGA elizifikele endaweni yesehlalo, lithole ukuthi kuthe ngesikhathi uMnu Booi esezongena esangweni, kwaqhamuka le moto yamvimba, emuva kwalokho kwehla abesilisa ababili bangabuza lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena.


Ubulawa nje, kuthiwa ubeyoqedela elinye lamacala abewasebenza njengoba empeleni ubesesebenzela eMgungundlovu. ILANGA lifice imoto ebihamba uMnu Booi enezinombolo zaseGP, ipake phakathi nogwaqo. Ibinezimbobo eziwu-5 zenhlamvu yesibhamu ebezibonakala. Ezimbili bezikwibhonethi, ezintathu zikwiwindscreen. Eceleni kwemoto bekudindilize isidumbu sakhe sesimbo-ziwe. Abantu bebemi izixongololo, kubalwa nabasebenza kule nkantolo, bebukeka beshaqekile. Esitatimendeni esithunyelwe yi- NPA, isigxeke kakhulu lesi.


Umqondisi wayo KwaZulu-Natal, u-Adv Elaine Zungu, ucashunwe ethi ukuhlaselwa kukaMnu Booi kuyishwa okumele libhekwe. Uthe kufana ncamashi nokuhlasela umthetho nalabo abazinikele ukuqinisekisa ukuthi uyalandelwa. Udlulise amazwi enduduzo emndenini. Lesi sitatimende siqhuba sithi umqondisi wabashushisi, u-Adv Shamila Batohi, usigxeke kakhulu lesi sigameko.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrig Jay Naicker, uthe kuvulwe icala lokubulala, wathi uphenyo seluphethwe wuphiko lwabaphenyi esifundazweni. I-IFP ikhiphe isitatimende igxeka lesi sigameko. Ithe ziyanda izigameko ezifuze lesi, yathi izibona njengokuhlaselwa ngqo kwezobulungiswa kuleli. Inxuse amaphoyisa ukuba asebenze ngokuzikhandla ukubopha abasolwa kulesi sigameko saseMlazi nezinye ezifuze lesi.

Previous articleIthole isipho sikaKhisimusi intombi endala
Next articleUgonyuluke ngobunzima uLalela