MTHOBISI SITHOLE
SEKUQUKE umsindo ngokuncipha kwabafundi ezikoleni okuvela ukuthi abaningi kababonakali nangokhalo osekuholele ekutheni kususwe othisha abathile ezikoleni zabo befunelwe izikhala kwezinye izindawo.
ILANGA lithole ukuthi iTheku yilona elishayeke kakhulu ngokwehla kwesibalo sabafundi, ikakhulukazi emalokishini.
UMlazi Comtech High School, eMlazi, ngesinye sezikole osekuze kwabhikishelwa uthishanhloko, othisha bemsola ngokuthi akayilandeli imigomo yokuhlonzwa kothisha okumele bahambe, bathi uyenzelela. Kulesi sikole kumele kuhambe othisha abangaphezulu kuka-20.
Uthishanhloko wakwesinye sezikole zaseMlazi, uthe indlela olusingethwe ngayo lolu hlelo seyisuse omkhulu umsindo kwazise seziyabangwa izikhala zothisha.
“Umnyango ubabizela emasekethe othisha abahlonzwe ngothishanhloko, bese ubanika uhlu lwezikole olunezikhala bazikhethele lapho befuna ukuyosebenza khona. Le nto inomsindo,” kusho lo thishanhloko.
Omunye utshele ILANGA ukuthi akahambisani nokunikwa othisha abasuswe ezikoleni ezehlelwe yizibalo zabafundi. Uthe yingoba ukwehla kwabafundi kudalwe wukuthi ezikoleni abasuka kuzona akusetshenzwa ngendlela efanele. “Yini engcono abazoyenza kwesami isikole? Umnyango uthanda kabi ukususa uthisha onenkinga uyomlahla kwenye indawo. Zonke lezi zinto zandisa izinkinga ezikoleni besekuba sengathi kubikwa izinto ezimbi ngaso sonke isikhathi kwezemfundo,” kusho lo thishanhloko.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe akukho okumele kukhulumise ngalolu daba ngoba othisha bayafunelwa izikhala kwezinye izindawo.
Odabeni lokungalandelwa kwemigudu efanele ekukhishweni kwabanye othisha ezikoleni, uthi bayalulandela udaba. “EComtech kuke kwabakhona othisha abawu-18 okutholakale ukuthi kasikho isidingo esikhulu sokuthi bafundise khona, basuswa.
“Okunye okuthinta lesi sikole sisakubheka ngokubambisana nethimba esilijubile,” kusho uMnu Mthethwa.
UMnyango wezeMfundo Kwa-Zulu-Natal uthi ziwu-3 671 izikhala zothisha ezivulekile nyakenye, eziwu-1 001 kuzona sezivaliwe, sekusele ezingu-2 670.
mthobisis@ilanganews.co.za