Umsolwa kolwasePhala Phala uzimisele ngokuliphika icala

293

BHEKI NDLOVANA 

OMUNYE wabamangalelwa abathathu ecaleni elimayelana nezinsolo zobugebengu okusolwa ukuthi benzeka epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, ePhala Phala, eLimpopo, uzimisele ngokuliphika icala athweswe lona. 

UNkz Froliana Joseph (31) (okwesokudla esithombeni), uveze esitatimendeni esifungelwe, esifundelwe inkantolo ngoLwesihlanu – ngesikhathi efaka isicelo sebheyili – ukuthi uzoliphika icala. 

Kulesi sitatimende uyakuchitha ukuthi uyabandakanyeka emacaleni athinta ubugebengu “obenzeka ePhala Phala”. 

Unxuse inkantolo ukuba imdedele ngebheyili, wathi angakwazi ukukhokha u-R2  000. 

Utshele inkantolo ukuthi uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, wazalelwa eBela Bela, eLimpopo ngo-1992.  

Esitatimendeni sakhe, uthe akakaze aphumele ngaphandle kwaseNingizimu Afrika, nakuba enawo amaphepha okuya kwamanye amazwe (passport), athi usewanikezele emaphoyiseni. 

Utshele inkantolo nokuthi akanazihlobo ezihlala ngaphandle kwaleli. 

Uthe wagcina ukusebenza ngo-2021 khona epulazini iPhala Phala. 

Uveze ukuthi unengane enonyaka izelwe. 

Omunye ummangalelwa, uMnu David Joseph, esitatimendeni sakhe, naye utshele inkantolo ukuthi wazalelwa eBela Bela. 

Uthe naye akanazihlobo ngaphandle kwaleli futhi akakaze awele umngcele, aye kwelinye izwe. 

Naye uveze ukuthi akanazo nezihlobo ezihlala ngaphandle kwakuleli. 

Umbuso ufuna ukuthi uma inkantolo imnika ibheyili uMnu Joseph, kube ngeka-R10 000. 

Ummangalelwa wokuqala, uMnu Imanuwela David (39), akasifakanga isicelo sebheyili ngoba ummeli wakhe akaphumelelanga ukuba senkantolo ngoLwesihlanu. 

Imantshi isigodlile isinqumo ezicelweni zebheyili, icala lahlehliselwa umhla ka-17 kuyo le nyanga lapho izosikhipha khona. 

Okwamanje bobathathu abasolwa basagqunye ezitokisini. 

Babhekene namacala abandakanya ukwakha itulo lokugqekeza ngenhloso yokweba, nokushushumbisa imali. 

Icala abashushiswa ngalo lisukela esigamekweni sokwebiwa kwemali ewu-$580  000 (engaphezulu kuka-R10 million ngokwamandla emali yakuleli), ePhala Phala ngo-2020. 

bhekin@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleKumqoka uhlolelwa umdlavuza wamankwahla kwabesilisa
Next article“Udlwengule” indodakazi yowesifazane obengafuni ukumqoma ezwisa unina ubuhlungu