Umsolwa uqinisekise eyokuba sendaweni okwabulawelwa kuyo u-AKA

931

THANDOLUHLE NGUBO

UQINISEKISE eyokuba sendaweni yesigameko umsolwa wesi-5, uMnu Lindokuhle Ndimande (okwesokudla) ngesikhathi kubulawa umculi we-hip hop, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe, uTebello “Tibz” Motsoane, ngoNhlolanja (February) ka-2023. UNdimande uthi wayesendaweni yokudlela iWish, emgwaqweni kuFlorida wodumo, eThekwini – lapho kwadutshulwa kwabulawa khona abafi – kodwa wayelinde intombi eyagcina ingafikanga. Lokhu kufundwe encwadini yakhe efungelwe, ephendula eyomphenyi waleli cala, uWarrant Officer Kumarasan Pillay, eveza ukuthi uNdimande wayekule ndawo ngoba eqaphe ukunyakaza kuka-AKA ukuze azise ozakwabo asolwa nabo uma esephuma (u-AKA).

“Ngomhla ka-10 kuNhlolanja wonyaka ophelile, ngahlela ukuhlangana nowesifazane endaweni yokudlela iWish. Ngokubona ukuthi isikhathi siyahamba, ngangilokhu ngimshayela ucingo engithembisa ukuthi uyeza. Ngiyaphika ukuthi ngangiqaphe okwenziwa ngumufi ngoba ngangingazi nokuthi ukhona. Ngaze ngazi sengizwe ukuqhuma kwesibhamu, okuyilapho engathola khona ukuthi umufi ngu-AKA. Ngiyakuchitha okushiwo yiphoyisa eliphenya icala,” kusho incwadi.

Kule ncwadi uNdimande uveza nokuthi kuyiqiniso ukuthi wavula i-akhawunti yaseStandard Bank ngosuku okwabulawa ngalo u-AKA, kodwa uthi isizathu salokho wukuthi amakhadi akhe asebhange ayejwayele ukuwasebenzisa, ayenenkinga. Uthe kule akhawunti yilapho umsolwa wesine kuleli cala, uMnu Mziwethemba Gwabeni, wamfakela khona u-R100 000. 

Uqhube ngokuthi le mali kwakuyinkokhelo yakhe yokushayelela uGwabeni uma ehamba amabanga amade. Umsolwa wokuqala uMnu Lindokuhle Mkhwanazi nowesithathu, uMnu Siyanda Myeza, bafundelwe izincwadi zabo ezifungelwe ebeziphikisa okushiwo ngumphenyi.

UMkhwanazi uveze ukuthi izinsolo ezibhekiswe kuye kazilona iqiniso. Uthe umphenyi wecala uhlulekile wukuhlinzeka inkantolo ngemininingwane egcwele mayelana nokuboshwa kwakhe. Utshele inkantolo ukuthi wawuthola u-R100 000 owawuphuma kuGwabeni, wathi kwakuyinkokhelo yakhe yomsebenzi awenzayo wokugada, okwase kunesikhathi eside engakhokhelwa ngawo. Uthe uGwabeni wabe esemphekisa ngo-R33 000 njengoba wayeshadelwa mhla ka-26 kuNhlolanja nyakenye. Uqhube ngokuthi le mali yangena kwi-akhawunti yomkakhe futhi kwi-reference kubhaliwe ukuthi ngeyomshado.

UMyeza utshele inkantolo ukuthi akakaze aqashwe nguGwabeni njengonogada futhi kayikho imali ake wamkhokhela yona. 

Leli cala liguqele umhla ka-8 kwephezulu, lapho kulindeleke ukuba kufundwe incwadi efungelwe kaLindani Ndimande – ongumsolwa wesibili – nekaGwabeni.

Previous articleI-Bay FC “ibuyise” umqeqeshi eyanyukela naye kwiDStv Premiership
Next articleAmakhosi ahlangana nondunankulu mayelana nolukaDuma nombhobho