Umsubathi wesifazane ushiye amadoda emjahweni esanda kubeletha

265

MZWAMANDLA ZONDI

UGILE izimanga umsubathi wesifazane waseZimbabwe, uLoveness Madziva, weHollywoodbets AC, eshiya amadoda kuMngeni uThukela Water Marathon ngeSonto eHowick – walala kunombolo 7 sekuhlanganiswe bonke ubulili – esanda kubeletha. Ushaye intambo ngo-2:52, ubevule igebe lamakhilomitha angaphezulu kweshumi kuLisa Collett ongene isibili kwabesifazane ngo-3:26 kwathi uCaria V Huyssteen wathatha indawo yesithathu ebeka u-3:36.

Kwabesilisa kunqobe Lindokuhle Sithole wePhantane Athletics Club ngo-2:32 kwathi uSimon Mkhize walala isibili ngo-2:34 elandelwa nguSkhumbuzo Mpanza owenze u-2:35.

Previous articleIgcabha isele nabadala ngokuziphatha kwentsha
Next articleUhulumeni mawungabi yisiphungumangathi osopolitiki besabisa ngokuchitheka kwegazi