Umthandazo wesitobha soSuthu ngawaseKZN kwiCarling

459

MFANAFUTHI NDLOVU

UTHANDAZELA ingqophamlando yowamanqamu weCarling Black Label Knockout ukuba ugijinywe ngamaZulu FC neRichards Bay FC uThembela Sikhakhane (osesithombeni) oyisitobha soSuthu, obuya ekulimaleni.

Ekhuluma neLANGA ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu weCarling Knockout – abazowugijima neTS Galaxy ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini – uSikhakhane uthe kumqoka kakhulu ukuba badlulele kowamanqamu, ozokuba mhla ka-16 kuZibandlela (December), eMoses Mabhida.

Uthe kungaba kubi kakhulu ukuwashiswa ijezi besekhaya njengoba neBay izobhekana neStellenbosch ngoMgqibelo ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. USikhakhane uthi bayabazi ubuhlungu bokwehluleka ngemizuzu yokugcina ukunqoba njengoba baguqiswa yi-Orlando Pirates ngo-1-0 kowamanqamu weMTN8 ngesizini edlule. 

Unxuse abalandeli ukuphuma ngobuningi ukuyobafaka ugqozi kulo mdlalo, wathembisa ukuthi ngeke babaphoxe.

Previous articleUlaxaze isicelo sebheyili “owabulala” inkosikazi wayigqiba
Next articleBavele enkantolo “abadlwengule” onogada