“Langa linye siyohlangana nami ngizwe isifuba sakho mama.” Umufi usho la mazwi esedlwengulwe okwesibili
SKHOSIPHI MTHEMBU
USHONE nezibazi emzimbeni nasemphefumulweni umfundi waseNqakathela High School, ogwazwe wabulawa esikoleni ngowesilisa waseNtaphuka, eNdwedwe, abemvulele icala lokumdlwengula. Lokhu kuvele ngesikhathi ILANGA likhuluma nelungu lomndeni ebelisondelene noPhindile Gcwensa (18), nabekhuluma nalo ngokuhlukunyezwa ngumsolwa ogama lakhe nguPhumlani Mpanza (25), ovele enkantolo yeMantshi, yaseNdwedwe ngoMsombuluko, ngecala lokumbulala.
Leli lungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngokusabela impilo yalo, liveze ukuthi uMpanza uke wadlwengula umufi ubusuku bonke ehlathini, emshaya ngoba ethi makayosula icala lokudlwengula amvulela lona phambilini. ILANGA LangeSonto, libike kabanzi ngalolu daba, lapho kuvele ukuthi uMpanza uhlasele umufi esekilasini, wamdonsa phambi kukathisha, wamgwaza kubuka nabanye abafundi. Kubikwe ukuthi uMpanza umbulala nje, ubevele engaphandle ngebheyili emuva kokuba ubeboshelwe ukudlwengula yena umufi.
Emuva kwalolu daba, kuvele ukuthi umufi ubeke wabhala ezinkundleni zokuxhumana emuva kokudlwengulwa isibili nguMpanza, ekhala ngokungabhekwa ngabazali bakhe asebashona kulobu buhlungu abhekene nabo. “Angimsulwa kepha ngikhala ubusuku nemini, kanti kungani ngingedwa na? Mama nawe Baba nibheke kuphi na? “Ngikhihla ezimathonsi, ngicela ukukhanya kodwa ngibona ubumnyama, yebo impilo kayilula, kodwa kumele ithi ukuthamba kunalokhu eyikho manje, ngiyazi izimpendulo ngeke ngizithole, kodwa ngiyethemba niyangibona, langa linye siyohlangana, nami ngizwe isifuba sakho mama.”
Lawa ngamanye amazwi ombhalo ofakwe ngumufi ku-Facebook, emuva kokudlwengulwa isibili ngumsolwa. Ekhuluma neLANGA osondelene nomndeni, uthi umufi ubebika kuyena ngokuhlukumezeka kwakhe, esho nokusho ukuthi akasazi uzokwenzenjani njengoba umsolwa emshaya, futhi emlanda ngenkani.“Bekuthi njalo uma emthathile, abuye emidwayidwa yimivimbo emzimbeni, kokunye ngisho ubuso budumbile kade emshaya. “Ngosuku amdlwengula ngalo okwesibili, wayesanda kuphuma ejele ngebheyili, wamthatha wayomdlwengulela ehlathini ubusuku bonke. “Ubemshaya, emtshela ukuthi makahambe ayokwesula icala. Ngalolo suku ubuye evuvukele ebusweni, egcwele nemivimbo umzimba wonke.
“Bekungekhona okokuqala lokhu kwenzeka. Ubesho njalo ukuthi akasamfuni lo mfana kodwa akafuni ukuthi bahlukane,” kusho ilungu lomndeni. Liqhuba lithi ukube umsolwa akayitholanga ibheyili, ngabe uPhindile usaphila. ILANGA likhulume noAdv Lucky Nhlabathi ngalolu daba, othe ngokujwayelekile umuntu osuke eboshwe ngecala lokudlwengula, kufanele anikeze inkantolo izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele anikezwe ibheyili. “Icala lokudlwengula libucayi kakhulu ngoba isigwebo sakhona kungaba wukudilikelwa yijele, ngakho uma umuntu ezonikezwa ibheyili, kubhekwa izizathu azibekile, okungahlanganisa ukondla izingane noma umuntu osebenzayo nokunye okubalulekile.
“Kulokhu kasazi ukuthi umsolwa yiziphi izizathu azibeka ezenze anikezwa ibheyili,” esho. Uthi mancane amathuba okuthi umsolwa athole ibheyili njengoba esephinde wenza elinye icala. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe umsolwa uvelile enkantolo yeMantshi yaseNdwedwe, ngoMsombuluko uzobuyela avele maduze ngamacala abhekene nawo.