Umunyu enkonzweni yomngcwabo wamalungu awu-6 asocongwa ngeledlule eHlokozi

336
UMUNYU enkonzweni yabasocongwa abayisithupha eHlokozi. ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

NONHLAKANIPHO SHINGA

IYAQHUBEKA inkonzo yomngcwabo wamalungu awu 6, akwaKhambule, asocongwe ngesonto eledlule, njengoba isihlobo sesikhombisa sona sesingcwatshiwe. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mndeni kushiye abaningi bekhathazekile ukubulawa kwawo, njengoba sivele siphezulu isibalo sokubulawa kwabantu eHlokozi. Inkonzo yomgcwabo isegcekeni kwaKhambule kanti amalungu omndeni asekhulumile athi, sekuyisikhathi sokubungaza impilo yabashonile yize noma izinhliziyo zabo zibhibha igazi.
Esigamekweni sangesonto eledlule kushone uBahlakaniphile Khambule (64), yindodakazi yakhe uNkz Philile Khambule (39), umakoti wakhona uNkk Nompilo Khambule (34) nezingane ezine uSkhumbuzo, uLisa, uSiphosethu noZemvelo. USkhumbuzo ungcwatshwe ngoLwesine.

INKNZO yokufihlwa kwamalungu ayisithupha aseHlokozi. ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE
Previous articleUfike ehamba ngesihlalo esinamasondo usonkontileka wakwa-Eskom ozobhekana nawenkohlakalo
Next article23 September 2024