NONHLAKANIPHO SHINGA
UVUKWE wumunyu umzukulu weNkosi Mangosuthu Buthelezi – uMntwana waKwaPhindangene – “Latoya Toya Delazy” Buthelezi, ngesikhathi ethula inkulumo
emngcwabeni kayisemkhulu ngoMgqibelo.
Le ntokazi iveze ukuthi njengoba ingumculi nje, igqugquzelwe kakhulu nguyisemkhulu njengoba ithe wayejwayele ukuthi imkhumbuza unina, okungukhokho wayo, uMntwana Magogo kaDinuzulu.
Ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kukhuluma abazukulu boMntwana waKwa-Phindangene, uLatoya uhlengezele izinyembezi, wathi kuningi kakhulu akufunde kuyisemkhulu. Uthe uyohlale embonga ngokuthi wathi eshonelwe ngabazali bakhe, uShenge nenkosikazi yakhe, uNdlunkulu Irene Buthelezi, bamfukamela njengengane yabo, bamkhulisa.
“Ngiyazwelana kakhulu nezingane zakhe njengoba sezizoba yizintandane njengami, kodwa nginethemba lokuthi sizokwazi ukwesekana njengomndeni, okuyiyona into abeyifuna kithina,” kusho uLatoya.
Ubethula le nkulumo nje, ubesuka e-United Kingdom, lapho ehlala khona ngokugcwele nophathina wakhe nengane yabo encane.
Njengoba ethandana nabesifazane, uyisemkhulu, waqopha umlando ngesikhathi emvumela ukuba agqoke ibhe-shu, futhi abe yilungu lamabutho akwaButhelezi.
Le ntokazi nangoLwesihlanu ngesikhathi kulandwa isidumbu sikayisemkhulu, ibihamba nabanye abazukulu namabutho, iphethe isagila.
Yaziwa kwezomculo ngezingoma okubalwa kuzo iPump It On, Love Is In The Air, Memorium neMy City. Iphinde yazakhela igama ngokucula umculo ongajwayelekile, ewubiza nge-AfroVame, lapho ihlanganisa khona izinsimbi ezahlukene bese yenza i-rap ngesiZulu.
“Njengoba ngingu-mrapper wesiZulu, nakhona ngakhuthazwa kakhulu ngumkhulu ongafuni sikhohlwe yimvelaphi yethu. Wasifundisa nokuzigqaja ngokuba ngamaZulu.
“Ngiyohlala ngikukhumbula mkhulu wami ngothando osiphe lona,” esho.
Ngemuva kwenkulumo yakhe, ube esefunda inkondlo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za