UMusona uhlela ukuzotakula iChiefs

1108

SENZO SOKHELA

UHLELA ukubuyela kwiKaizer Chiefs ukuyotakula umkhumbi obukeka uzika umgadli waseZimbabwe owavulelwa indlela ebheke phesheya kwezilwandle yiyona le kilabhu. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uKnowledge Musona (33), ogijima kwi-Al-Riyadh yaseSaudi Arabia, uhlela ukuxhumana neChiefs ngenhloso yokuyisiza osizini ebhekene nalo. Sekuphele amasizini awu-9 iziMpofana zinganqobi nkomishi, okuyinto esibami emiphinjeni abalandeli bazo.

UMusona wagila izimanga kule kilabhu ngesizini ka-2009 kuya kweka-2011. Wayishayela amagoli awu-19 emidlalweni ewu-49, ngaphambi kokuba imdayisele iHoffenheim yaseGermany ngo-2011. Ngesizini ka-2013-14, iChiefs yameboleka kuyona le kilabhu, wafike wayishayela amagoli awu-8 emidlalweni ewu-19.

Leli phephandaba lilunywe indlebe ngomunye wabadlali abasondelene kakhulu noMusona, wathi uhlela ukukhuluma neChiefs ukuze azoyisiza. “Uthe uhlela ukuxhumana nabaphathi bayo, abuye ngesizini ezayo azoyisiza. Kangikholwa ukuthi iChiefs ingenqaba ngoba akafune mali etheni, usenze imali eningi kakhulu ebholeni. Isifiso sakhe wukuthi azosiza iChiefs noma yisizini eyodwa noma amabili besebuyela eZimbabwe, ngoba ufuna ukubeka amakhokho ethala edlala ezweni lakhe,” kusho umthombo.

Leli phephandaba libuza umfowabo kaMusona, uWalter – owake wadlala kwiPolokwane City, okumanje udlala kwelakubo eZimbabwe – uthe: “Engingakusho wukuthi kukhona okuzokwenzeka maduze. Sikhuluma naye zonke izinsuku, ngiyakwazi aphezu kwakho. Yebo iChiefs uyayithanda futhi akathokozile njengoba ingenzi kahle.”

Previous articleUkuqasha ngokobuqembu kudala ukwethembana kosopolitiki nezisebenzi
Next articleISilo nethemba ngamabhinca liqoka uNgizwe kwesokudidiyela amabutho