Umuthi wezinambuzane uhlehlise isinqumo kwelokubulawa kofakazi

237

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUPHAZAMISEKE ukuphuma kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu, ecaleni labamangalwa ababili kwelokubulawa kwamalungu omndeni wakwaShiba, oDushwini, KwaNongoma ngo-2021 ngoba becisha ubufakazi.

Bekulindeleke ukuba inkantolo ikhiphe isinqumo ngecala elibhekene noDennis Lethuxolo Zwane (35) noMfundo Thalente Zwane (25), abamangalelwe ngokubulala uNkz Sinokwethemba Shiba (22), uLuvuyo Nkosi (2), uNtuthuko Shiba (17) noSandile Mthombo (18) owayengumakhelwane. Babulawa kucishwa ubufakazi ecaleni lokubulawa kwenhloko yekhaya, uMnu Bhekuyise Gumbagumba Shiba, owafa ngo-2017, esolwa ngokuthakatha inja yabasolwa.

Inkantolo ihlehlise icala ngoba ikhala ngokuthi bekusanda kufuthwa umuthi wokubulala izinambuzane ngaphakathi enkantolo. Abafi babulawa bezovuka ngakusasa beyofakaza enkantolo. Abamangalelwa babhekene namacala awu-13, awu-5 okubulala, awu-7 okuzama ukubulala nelilodwa lokuthungela impahla ngomlilo. USinethemba noNtuthuko babengofakazi abaqandula ikhanda ecaleli lokubulawa kukaShiba.

Ngokwamaphepha asenkantolo, esigamekweni sokuqala, mhla lulunye kuNhlaba (May) 2017, abamangalelwa bahloma baya kwaShiba.  Kuthiwa bafika bazenza abantu abafuna ukuthelelana amanzi noShiba. Ngesikhathi sebesesangweni naye, kuthiwa uLethuxolo wadonsa isibhamu wadubula umufi, washonela khona lapho. 

Baboshwa ngezinsolo zokumbulala. 

Kuvela ukuthi ngesikhathi kusaqhubeka icala, bakha itulo lokubulala uNtuthuko, uSinokwethemba noSenamile, ababona ngesikhathi kubulawa uyise. 

ILANGA Lempelasonto likhulume noMnu Alliot Shiba – ongumfowabo wenhloko yekhaya – othe selokhu kwenzeka lesi sigameko, umndeni wethuka izanya futhi usuhlakazekile. Uthi amanye amalungu omndeni kamfowabo asekubhaceni. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleIsingene ezinganeni impi yeBhova neNdidane
Next articleSesiphenduke “isibaya” semfuyo eyebiwe isiteshi esashiywa ngamaphoyisa