Ibicelwe wumculi kamasikandi ukuba kulingiswe i-video, kanti izovezwa sengathi kwenziwa ucansi
MTHOBISI SITHOL
sengathi kwenziwa ucansi.
UYAVEVA unina womfundi waseHofmeyr Secondary School, ePretoria ovela kwi-video yengoma yomculi kamasikandi, uMthokozisi “Njoko” Mbambo, ebukeka sengathi kwenziwa ucansi, okumanje usabisa ngokuthathela lo mculi izinyathelo zomthetho.
Unina ka-Esihle Diphu (18) owalile ukudalula amagama akhe uthi lo mculi wodumo lwengoma ethi “Uthembelihle” odabuka eNkandla, ubukise ngengane yakhe izwe lonke, wayiphendula unonkiloyi kuyimanje isiphelelwe ngisho nawukuzethemba.
Le video yengoma ethi “Dali Ungabanaki” yandulela ukukhangiswa kwe-albhamu entsha yalo mculi ezophuma maduze.
Unina ka-Esihle utshele ILANGA ukuthi kufike kuyena umuntu ozibize ngoMncedisi Ndlovu ongumlandeli walo mculi, lapho behlala khona eGoli, wacela ingane yakhe (Esihle) ethi ufuna iyolingisa kwi-video kaNjoko, benzela ukumaketha i-albhamu ezophuma. Uthi uthuke kabi uma esebona le video isabalele izwe lonke, iveza umzimba wengane yakhe ngendlela engeyinhle.
“Le ngane ifunda isikole, yenza uGrade-12, isiyindabizekwayo esikoleni. Ngesikhathi befika kimina, kabazange bangitshele ukuthi kuyoshuthwa into eyihlazo “Yonke indawo lapho ngihamba khona, sekukhonjiswana ngami, sengiphenduke umzali ongenayo imfundiso. Ngisho umndeni wami imbala, uyangilwisa manje ngale nto. Bengingazi mina ukuthi kumasikandi sekwashuthwa ama-video ocansi uqobo lwalo. ukuba bengazi bengingeke ngivume kuyokwenziwa ingane yami inhlekisa.
“Kangikaze ngibone omasikandi beshutha benqunu ngalolu hlobo, naye uNjoko ngimtshelile ukuthi makalindele noma yini kusuka manje, ngeke kugcine kanjena. Bengingamazi kwakumazi uNjoko, bengazi umlandeli wakhe ngoba sakhelene naye,” kusho lo mzali.
Uveze nokuthi kasikho isivumelwano ebesikhona sokukhokhelwa kwengane yakhe ngokuvezwa kwayo kwi-video.
Ngokuthola kweLANGA, ukushuthwa kwale video kuxove ubudlelwano balo mculi nengoduso yakhe.
Ebuzwa uNjoko ngalolu daba, uvumile ukuthi ubhekene nenkinga ngoba abazali baka-Esihle bayaveva yintukuthelo.
Uthi ubengaqondile ukuveza okubi ngale video.
“Bengicelile kumthwebuli ngesikhathi kushuthwa ukuthi kungabi yinto ezoveza imibukiso enganambithisiseki.
“Ifike kimina singasekho isikhathi sokuyiqala phansi ngoba bekumele iphume ngaphambi kokuphuma kwe-albhamu kusasa (Lwesihlanu).
“Ngiyaxolisa esizweni ngombukiso onganambithisiseki,” kusho uNjoko.
mthobisis@ilanganews.co.za