UMzolo unenge ummeli wakhe

1515
ETHEKWINI

KNOWLEDGE SIMELANE

UNENGE ummeli wakhe ngokudelela nokungaziphathi kahle eNkantolo eNkulu yaseThekwini uMnu Thabani Mzolo, osolwa ngokubulala uNkz Zoli-le Khumalo, owayeyintombi yakhe efunda eMangosuthu University of Technology (MUT). 

Ummeli wakhe, u-Adv Bonokwakhe Dlamini,  ugcine ehlulekile wukuzibamba, wamfaka endleleni. 

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko uMnu Mzolo esebhokisini lofakazi, eyobeka uhlangothi lwakhe emuva kokuba bonke ofakazi bombuso bemnuke ngokuthi nguye owadu-bula, wabulala umufi. 

Bamangalile abantu enkantolo ngesikhathi edabukisa, ezicelela intethe-lelo emndenini kamufi nasezweni lonke. Nakulokho kuxolisa ubengalivumi icala, kodwa ebeka njengomu-ntu owehlelwa yingozi bebanga isi-bhamu nomufi athi wagcina eshonile.

Ngesikhathi enza leso sitatimende, ubuso bukanina kamufi, uNkk Phili-siwe Khumalo,  obekhona enkantolo bebugeleza izinyembezi ezisula ephi-ndelela ngaphansi kwezibuko. 

IJaji Nompumelelo Radebe libuchithile ubufakazi bukaMnu Mzolo bezithombe ebeziveza umufi ephethe isibhamu, lathi kabunasiqiniseko ngemvelaphi yabo. 

Khona manjalo, uMnu Mzolo utshele inkantolo ukuthi umufi wayeke wazama ukumsusuluza ngesibhamu wasinda, ngoba sanxapha beseMhlanga, eThekwini. Uqhubekile watshela inkantolo ukuthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kangangoba babehlale bethembisana ukuthi bazohlukaniswa wukufa. Uthe nangosuku uNkz Khumalo afa ngalo, wamkhu-mbuza ukuthi sebezohlukaniswa ukufa. 

“Lokho ngangikusho ngidlala,” kusho yena. 

Uthi ngosuku lwesigameko wangena egunjini likamufi wethuka, wa-mbuza ukuthi kwenzenjani wavaka-shelwa ngabantu angasabazi. 

“Wangibingelela wathi ‘baby’, ngathi angangibizi ngo-baby akathi ‘inja’ ngoba ngabe sengimfune ngomkhondo njengenja. Ngambuza ukuthi ubengaziphenduli ngani izingci-ngo zami, wathi ubewushiye endlini umakhalekhukhwini eye ezitolo ngoba wesaba amaphara,” kusho uMnu Mzolo. 

Uqhubeke wathi ngesikhathi ehleli eceleni kukamufi, wabona isibhamu phakathi kwamathanga akhe, wasithatha wasiphatha. Baqhubeka bakhuluma kamuva wasukuma sakuhamba, wathi makaye kuye aqabule okokugcina ngoba sebeyahlukana. 

Kwathi lapho eya kuye umufi, wamgxavuna isandla sokudla esasiphethe isibhamu saqhuma, akasazi noma kabili yini ngoba walahlekelwa wumqondo emuva kwalokho akaba-nge esazi ukuthi kwenzekani. 

NgoLwesibili uMnu Mzolo, obesaqhubeka nokubuzwa ngumshushisi, u-Adv Nadira Moosa, ubengasafani nangoMsombuluko – egaxe uphondo lwakhe olumnyama entanyeni – ubephika kwasani oluwubufakazi obethulwa ngababenaye endlini ngosuku lwesigameko, futhi ephendula ngamazwi embuqo, kangangoba ijaji lize lamkhuza kathathu limtshela ukuthi makaphendule abuzwe khona, yena angabuzi. 

Umshushisi uthe ukubeka kuye (uMnu Mzolo) ukuthi umufi wayengasamthandi ezinsukwini ezimbili ngaphambi kosuku lwesigameko, uMnu Mzolo uphendule wathi: “Nga-be umshushisi wayenathi yini ngalezo zinsuku?” 

Uqhubekile enqakulisana ngamazwi nomshushisi, yathi ukuguqa inkantolo, ummeli wakhe wababiza bobabili – uMnu Mzolo no-Adv Moosa – wayala ikilayenti lakhe, wathi: “Awuziphathe kahle, uphendule lokho obuzwe khona, uyangizwa?” 

UMnu Mzolo uhlanganise izandla ekhombisa ukuthi uyaxolisa, laqhubeka icala. U-Adv Moosa umbelesele uMnu Mzolo, ethi ukubeka kuye ukuthi ofakazi, uMnu Simiso Buthelezi noNkz Nonosipho Bhengu, bakhuluma iqiniso uma bethi wangena nesibhamu wadubula umufi. 

Uthe ngisho nobufakazi bukadokotela bukhomba ukuthi umufi wadutshulwa bukhoma ekhanda, engalwe-ni nasehlombe. 

UMnu Mzolo uke wabuza ukuthi libonakala kanjani inxeba lesibhamu ukuthi lingene kuphi laphuma kuphi, utshelwe ukuthi ngudokotela ongachaza lokho, wathi dedelele, wanquma ukuba angabizwa udokotela. 

Uke wabindeka uMnu Mzolo ebuzwa ukuthi kwakunini lapho umufi azama khona ukumdubula eMhlanga, wathi kwakungoZibandlela (Dece-mber) 2018, umshushisi wathi wayeseshone kudala umufi (ngaleyo nyanga), wathula du ummangalelwa. 

Okunye akushilo uMnu Mzolo, wu-kuthi akasazi noma umufi wayemfi-shane kunaye noma babelingana. 

Kugcine kunempikiswano ngokuthi uyavumelana yini nofakazi wombuso ngokuthi umsizi wesibhamu watholakala kuzo zombili izandla zakhe, wathi kwesokudla uyavuma kodwa kwesokunxele akaqondi ngoba kwa-phambana izinombolo zamazibithi okuhlolwa kwawo. 

Ngenxa kagqamucishi kagesi kuqhutshekwe izolo ngoLwesithathu ntambama umshushisi esaqhubeka nemibuzo.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Previous articleUfike nezethembiso umqeqeshi wePirates
Next articleIlanga 5-7 December 2019