SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uphonsela inselelo abadlali ababili bale kilabhu eziya ngokuqina izinsolo zokuthi bangase badedelwe.
AmaKhosi aguqise ngo-2-1 iRichards Bay koweBetway Premiership izolo ngoLwesithathu kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Amagoli eChiefs ashaywe ngoWandile Duba no-Ashley du Preez, kwathi elokubika leBay leza noYanela Mbuthuma.
IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uReeve Frosler ngomzuzu ka-48.
UNabi uqalise lo mdlalo uPule Mmodi noSibongiseni Mthethwa abangasavamisile ukuthola isikimu kule kilabhu.
Badlale ibhole eliseqophelweni eliphezulu.
Bobabili laba badlali bekubikwa ukuthi bangase bahambe kule kilabhu.
“Ngigculisekile ngalaba badlali njengoba ngibanike ithuba engikholwa wukuthi kuzobuyisa ukuzethemba kubona ukuya phambili.
U-OX (Mthethwa) udlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu, noMmodi ngokunjalo wenze umsebenzi omuhle kakhulu, ikakhulukazi uma siya phambili, sihlasela.
“Ngikholwa wukuthi basangenza kangcono kakhulu kunalokhu abakwenzile, kuzofanele bafuqe impela,” kusho uNabi.