UNCENGELA ABADLALI BE-PIRATES KUBALANDELI

431
NGU-INNOCENT Maela

SENZO SOKHELA
UKAPUTENI we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, unxusa abalandeli bale kilabhu ukunika ithuba abadlali abasha ngoba kakulula ukugqoka ijezi leBucs, liyesinda. IBucs izobhekana neStellenbosch FC koweDStv Premiership namuhla ngoMgqibelo ngo-20h00 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch. Le kilabhu ingene kwezwakala emakethe njengoba isayinise abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Phakathi kwabo kungabalwa uKatlego Otladisa, uLesedi Kapinga, uMelusi Buthelezi ongunozinti, uKarim Kimvuidi wase-DRC ukukha phezulu. “Amalungiselelo ale sizini abenzima futhi abenezinselelo, kodwa-ke besizama ukuthi usuku nosuku sibe ngcono. “Sikholwa wukuthi nohambo lwethu lwaseSpain lapho ebesikhempe khona luzosisiza njengoba kuqala isizini.


“Uma sengiza kubadlali abasha, okuhle wukuthi siyaba nezinhlelo zokwakha ubudlelwano phakathi kwabadlali ukuze sibe nobumbano. “Konke kubukeka kuhamba kahle futhi nabo bayangena egiyeni. “Siyazi ukuthi kuzobathatha isikhathi ukuthi bangene khaxa, ngiyacela kubalandeli ukuba bababekezelele, kungabi yibona ababahlala entanyeni. “Siyakholelwa kubona futhi siyabethemba. Nabo-ke uma kukhona abangakuboni kahle bangaya kumqeqeshi noma kubadlali abadala ekilabhini babathekele ngolwazi. “Ngibafisela inhlanhla, ngethemba ukuthi bazoba nesizini enhle nekilabhu,” esho. UJose Riveiro ololonga iBucs, uthi abanye balaba badlali abasha kuzobathatha isikhathi ukungena esikimini kwazise bajoyine le kilabhu amalungiselelo esephakathi. “Kuzobathatha isikhashana abanye ukungena esikimini ngoba bafike sesihambile isikhathi. “Sinezinhlelo esibanike zona zokuba baqeqeshwe kanti abanye babo baya ngokusondela kulokhu esikufunayo. Okumqoka kunakho konke, wukuthi siyivule kahle isizini. “Ngeke kube wumdlalo olula ngoba iStellenbosch iyingozi ekhaya, kodwa-ke siyakwazi esikuyela kulo mdlalo, ngamaphuzu amathathu,” kusho uRiveiro.

Previous articleBabhekene nenkinga abanqatshelwa ukungcwaba epulazini
Next articleSilahlwe yicala isitshudeni esabulala esinye kubangwa ukubingelelana