UNcikazi ugonyuluka ngokubulala iPirates

566

Uthi bazoya emdlalweni weSundowns bezilungiselele kahle

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMandla “Mhloli” Ncikazi (osesithombeni) uveza okubulala le kilabhu athi kade kwaqala ukwenzeka. IBucs izalelwe yinja endlini njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership namuhla ngoLwesihlanu ngo-19h30 eLoftus Stadium, ePitoli. Iya kulo mdlalo nje, ishaye udaka ibambana ngo-1-1 neSwallows koweligi ngoLwesibili kusihlwa eDobsonville Stadium, eSoweto.


Njengoba iBucs iya kulo mdlalo weSundowns nje, ayinikwa lutho kwazise iDowns ifaniswa nesitimela esingavimbeki esigquzula kwasani ephambi kwaso kwazise ayikaze yehlulwe selokhu kuqale isizini. UNcikazi ongomunye wabaqeqeshi beBucs uveza okubulala le kilabhu selokhu kuqale isizini athi sonke lesi sikhathi bebethule kodwa manje kumqoka ukuthi bakusho. “Emdlalweni wethu neSwallows kuvuke isifo sethu esidala sokushweba amathuba alula. “Le nto ibuye yazosincinza futhi ngoba inike izimbangi ithuba lokuthi zibuyelwe wukuzethemba.


“Ukube besiwasebenzisile amathuba esiwathole kulo mdlalo ngabe kukhulunywa enye into. “Asizange sibe nomdlalo omuhle, kuneziwombe ezethusayo ebezibuye zisenzakalele. Sidlala kahle inkinga nje ivele ibe phambi kwamapali. “Okunyeke okusibulalayo okukade kwaqala yindaba yonondweba hhayi abasiphathi kahle neze ayisilekeleli lento. “Selokhu kuqale isizini iPirates ihlale imiswe kabi ngonondweba, le nto seyenzeke isikhathi eside sithule. “Ngingabala inqwaba yemidlalo lapho onondweba besenzele khona phansi kodwa sithule.


“Emdlalweni wamaZulu kwakufanele sinikwe iphenathi kodwa unondweba wazithulela. “Ngethemba ukuthi ngelinye ilanga izophela le nto. Angiqondile ukwenza izaba, ngiveza inkinga esisilimaze isikhathi eside,’’ kusho uNcikazi. Uthi nakuba imidlalo iminyene kodwa bazokwenza ngawo wonke amandla ukuthi baya kulo mdlalo weSundowns bezilungiselele kahle. “Siyasiqonda isimo sinzima kodwa kufanele sizame ukukuqinisekisa ukuthi siya kulo mdlalo sizilungiselele kahle ngoba iSundowns ayiyona into yokudlala, isefomini.


“Imidlalo icinene, asikho nhlobo isikhathi sokujima, kufanele uqhu-beke nesikimu ogcine ngaso noma ushintshe kancane isikhathi sokubheka abanye abadlali asibonwa. “Kodwake sizokwenza okusemandleni ukuthi iSundowns siyinike umdlalo onzima,’’ kusho uNcikazi. Imidlalo yeDStv Premiership isiyonke ngempelasonto imi kanje: NAMUHLA NGOLWESIHLANU EPeter Mokaba Stadium: Marumo Gallants vs AmaZulu 17h15. ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Orlando Pirates 19h30. NGOMGQIBELO EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Baroka 15h30. EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs TS Galaxy 15h30. E-Ellis Park: Sekhukhune United vs SuperSport Utd 18h00. ECape Town Stadium: Cape Town City vs Swallows 20h15. NGESONTO EChatsworth Stadium: Royal AM vs Kaizer Chiefs 15h30. EHarry Gwala Stadium: Maritzburg Utd vs Chippa United 18h00.

Previous articleULIMU LOMSHWALENSE
Next articleIthole isipho sikaKhisimusi intombi endala