Uncishwe ibheyili ovundululwe eMpumalanga ngelokubulala iphoyisa

219

SKHOSIPHI MTHEMBU

WENQATSHELWE ibheyili yiNkantolo yeMantshi waseKokstad, ngoLwesithathu owesilisa osolwa ngokudubula abulale iphoyisa maphakathi nonyaka. UMnu Monwabisi Mkhulisa – wakhona eKokstad – unqatshelwe ibheyili ecaleni lokubulala nokuzama ukubulala. Wenqatshelwa ibheyili nje, kuthiwa oKlebe bamvundulule esifundazweni iMpumalanga, lapho abecashe khona emuva kokudubula abulale uConst Smanga Mtolo (29).

Ngokwesitatimende samaphoyisa, lesi sigameko senzeka mhla ka-8 kuNtulikazi (July). Kuthiwa uConst Mtolo – obesebenzela esiteshini samaphoyisa i-Evatt – ubulawa nje, wayengekho emsebenzini kodwa ezihlalele emotweni yakhe. Isitatimende siveza ukuthi ngosuku lwesigameko, uConst Mtolo wayehleli nabangani bakhe ngesikhathi kuqhamuka uMkhulisa. Siqhuba ngokuthi kwaba nengxoxo phakathi kwabo eyagcina iholela ekutheni uConst Mtolo aphume emotweni yakhe. Kuvela ukuthi baqhubeka nokukhuluma, okwathi kungazelele muntu, uMkhulisa wadonsa isibhamu wadubula uConst Mtolo, washonela endaweni yesigameko.

Kubikwa ukuthi kwadubuleka nabangani bakaConst Mtolo, baphuthunyiswa esibhedlela. Kwabe sekuvulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa i-Evatt, idokodo ladluliselwa koKlebe. Ngokwesitatimende, uphenyo loKlebe lubaholele ndawana thile eMpumalanga, lapho eshaqe khona uMkhulisa. Uvele okokuqala enkantolo ngeledlule, icala lahlehliselwa izolo njengoba libuye lahlehliselwa uMasingana (January) wonyaka ozayo.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt Col Simphiwe Mhlongo, ukuqinisikisile ukuthi uMkhulisa wenqatshelwe ibheyili.

Previous articleIsivakashi masizifikele negilosa yaso
Next articleIsicelo ezivakashini ezizodla amponjwana esiqiwini