UNdlozi ukhuthaze ukuvikelwa kwefagugu likaShenge

846

PHUMLANI GAMA

UKHUTHAZE ukuba kuvikelwe ifagugu leMangosuthu Buthelezi engumsunguli we-IFP uMnu Mbuyiseni Ndlonzi we-EFF (osesithombeni), ngesikhathi edlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaButhelezi, enkonzweni yesikhumbuzo sikaShenge ebisePrince Mangosuthu Buthelezi Ragional Stadium, oNdini.

“Sisungule i-EFF sikuqonda kahle ukuthi ikhona i-IFP, futhi inabaholi abaqotho. Mina siqu sami, ngifunde okuningi kuMntwana waKwaPhindangene, engibiza ngomhlonishwa. Usifundise ukuthobeka, ukuziphatha kahle nokuhlonipha abanye abantu. Ngiyacela ukuba umndeni neqembu (IFP), baqinisekise ukuthi kuvikelwa amagalelo oMntwana. Sibonga umndeni wakwaButhelezi ngokuvumela uMntwana ukuba asebenzele isizwe. Silapha namuhla ngenhloso yokuzokhumbula impilo yakhe,” kusho uMnu Ndlonzi.

Previous articleUPapas edlulisa umnikelo weDA KwaPhindangene
Next articleAbakamaskandi babhonge emswaneni ngokukhothama kukaShenge