Uthi bamgcobe ngesitaputapu, wadideka umqondo Usola ukusebenzisana kwezigebengu nabasebhange
JOHN HLONGWA
IYALILA iNdlovukazi yamaZulu uMayvis “MaGwabini” Zulu ngesenzo sezigebengu eziyithumbe, zayikhiphisa imali ebhange zemuka nesamba semali ewu R93 000 ngo-Lwesithathu, KwaNo-ngoma nasoLundi. Uma ichaza ngesimo esiyehlele, kuze kunqamuke umoya kuzwakale ukuthi lesi simo siyethuse kakhulu. “Akuvumi noma ngikhulume ngokungehlele mtanami. Ngivuke ngoLwesithathu ngacela umzukulu ukuba angiphelezele ngiyokhipha imali yokudla neyokwakha ebhange KwaNongoma. Ngikhiphe uR5 000 ngaphandle emshinini (ATM), obekuyimali yokudla, ngadlulela kwelinye ibhange ngiyokhipha eyokwakha engiyigcine eMoney Market.
“Ngifike ngakhipha isamba sika-R28 000. Ngihlukane nomzukulu ngesikhathi ngimthuma kwelinye ibhange ukuba ayofaka imali yesonto. Ngesikhathi ngikhipha le mali izithupha zami zike zathi ukungihlupha. Ngithe ngibheka ngemuva kwami ngabona insizwa imi eduze kwami, ngiyithethisile ngibuza ukuthi kungani isondela kangaka kumina, isisebenzi sasebhange (teller) sangilekelela sithethisa le nsizwa,” kusho uNdlunkulu ngosizi. Uthi uqaphele ukuthi ngesikhathi esephethe isamba semali ewu R28 000 le nsizwa ebilokhu isondela eduze kwakhe esemshinini imgcobe ngomuthi oyisitapu-tapu okuyiwona asola ukuthi umdide kakhulu. “Sengihamba kudlule insizwa, yangithinta ngesitaputapu esimnyama, ngokushesha kuphendule intombazane ebiseceleni yathi nayo useyithintile.
Yaqhubeka yathi akubikelwe amaphoyisa ngokushesha, isho iwakhomba ithi nanka nabaphathi bawo. Nebala siwabikelile amaphoyisa mbumbulu athi asingene emotweni ngokushesha, sasho phakathi,” kulanda uNdlunkulu. Kwenzeka konke lokhu nje, umzukulu ubengekho njengoba ebemthume ukuba ayofaka imali yesonto kwelinye ibhange. “Ngingene emotweni bangifutha ngezinto zokuhlanza izandla, bathi mangikhwife, ngithi imali ingahambi e-bank, ngikwenzile lokho. Intombazane esigibele nayo emotweni ingitshele ukuthi siya Olundi kuze kukhishwe imali esele, bangaze bayithathe yonke. Bangiyalele ukuthi ngicishe ucingo ngesikhathi sisemotweni sibheke oLundi ukuze bengeke bakwazi ukuqhubeka nemikhuba yabo.
“Uma sifika ebhange oLundi bangiphelezelile bangiyisa kwesinye isisebenzi sasebhange (teller)engisola ukuthi yisigebengu abasebenza naso, ngifike khona ngafaka isicelo semali ewu-R30 000. Isisebenzi esingisizile sithe sidlulisela lesi samba ekhadini lami,” esho. Uthi akuqaphelile yonke into ebiyenziwa kuleli bhange ibingasayinwa besekusheshwa. “Intombazane ebingiphelezela igcine isinginika izimvilophu ezimbili, ngazifaka esikhwameni ngethemba lokuthi ngiphethe imali yami. Siqede lapho sahamba. “Endleleni ngicele ukuyochi tha amanzi ehhotela, bathi cha ikhona indawo ekahle ephephile saya khona. “Uma sengiphuma endlini encane bebengasabonwa, bengizitshela ukuthi bayothenga ukudla. Ngiqale lapho ngabuyelwa umqondo ngavula ucingo ngathola ukuthi baningi abantu abakade bengifonela, sekunanemali
esiphumile. Ngifonele umntwana engimzalayo wafika wazongilanda. “Ngokushesha kufike namaphoyisa ngabuzwa ukuthi iphi imali ngathi nayi esikhwameni ilapho kuvele khona ukuthi ngiphethe imfumba yamaphepha eLotto nekhadi alisekho. “Kuvele ukuthi liyasetshenziswa eBallito naKwaMashu. Kuthengwe ngalo utshwala ezindaweni ezimbili ezahlukene eThekwini. Ibalelwa ngaphezulu kuka-R30 000 imali esebeyisebenzisile kuhlanganisa nomholo wami obusele,” esho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa avule icala lokukhwabanisa, bekungakaboshwa muntu asenza uphenyo