NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
SENGIBONE kahle, nami nginguRev Mkhekhelezi Phaniyose (Phineas ngesiNgisi) Mchunu, ngingaba ngumengameli waseNingizimu Afrika, ongcono futhi. Uqashelwa onogada, abeluleki, abantu abazokubhalela izinkulumo – wena uhambe uyoma phambi kwabantu ukhulume uze ukhihlize amagwebu, usho o-catagelophobia no-contemptuous ongabazi. Ingani phela i-speech usibhalelwe ngoNdabe Sibiya, oMbulelo Baloyi noSimphiwe Gina izinto ezibhala into eyome geqe.
Abantu sebezolokhu bememeza bethi: “Kunjalo mhlonishwa mengameli, comrade!” Nabo njalo kabakuzwa nokuthi uthini nalesi siNgisi esingangeTitanic osibhalelwe. Sivele silingise umfo kaMolo – uBhekumuzi Luthuli – thina boRev Mkhekhelezi, sithi: “Uyimpatha no-catagelophia bakho labo!”
Ngididwa yisenzo sikamengameli wethu, uMhlonishwa uCyril Ramaphosa. Umhlonishwa ubehlangene nozakwabo waseZimbabwe izolo, uMengameli Emmerson Mnangagwa esangweni lomngcele ohlukanisa leli nelikaMzilikazi, eBeitbridge. Sesibonga khona nje ukuthi sisakwazi ukubhala ngawe noma yini esishisayo, u-Emasoni lo akakakufaki umoya wezikhova ngoba phela ngizwa kuthiwa ezweni lakhe uma uke wabhala into esanyovademu ngaye, uyaboshwa.
Uma besho-ke, kwezinye zezinto abazixoxile laba bafowethu, wukuthi bangenza kanjani ukuze basebenzisane ukubhekana nodaba lwabantu (specifically, abaseZimbabwe) abeqa umngcele ngokungemthetho. Uyazi Mhlonishwa Mengameli, unekhono lokuhlekisa umuntu ecashele amaphoyisa amfunela icala elibucayi! Ahleke umuntu ephethe izibithi lenhlokohlela kaqhwasha – isibhamu sokuzakhela – kunanele izihosha.
Yini kodwa ubuvaka mengameli? Yeka ukukwethemba kwami! Ngokwami Mhlonishwa Mengameli, into obekumele uyenze ku-Emasoni – zisuka nje amagqozo – wukumbuza ukuthi yini umsebenzi wakhe uma kunezingane zakhe ezigcwele emzini wakho ngokungemthetho, zibalekela usizi ezweni loyisemkhulu. Hhayi le nto yakho yakho yokuzama ukuba diplomatic umasaja u-Emmy, ngoba o-diplomacy laba yizinto zabelungu. Mengameli, awuke nje ube nesibinjana kube kanye, just once. Mina bengizothi buyela ku-Emasoni, umtshele ukuthi isaka lempuphu kwakho kalisayiqedi inyanga ngenxa yezingane zakhe ezingabaliwe kwibhajethi. Anginanxa nezingane zakwethu zaseZimbabwe, kodwa phela izinto kumele zenziwe ngendlela. Ngeke nje ngisuke la eNingizumu Afrika ngiye kwelinye izwe lapha e-Afrika ngingenawo amaphephamvume, ngifike ngigxumeke ubhazabhaza wetende – ongangedolobha lasePinetown – emuva kwalokho ngixoxele abantu ukuthi uNkulunkulu ngimazi ngo-see, ngambona ewela umgwaqo eLilongwe, eMalawi, njengoba kwenzeka eNingizimu Afrika. Ngalelo langa ungabona isimanga i-ABC kaPhilani “PG” Mavundla iwina ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Ufice uFubumba California Ringura – owazibonelwa ngumfundis’ uNtshebe esenguPastor Sbonelo Antarctica Mkhize. Uthi ubuza izithakazelo athi: “Mina ayiKhab’ iyozela, ziHlahla ziyaNgcwaba!” Uvele ubone ukuthi yi-fake kaGcwabe le. Njengoba sazi-ke, akuzona zodwa izingane zika-Emasoni ezingena kuleli ngokungemthetho – ngingeke ngizisole kangako, phela abaholi base-Afrika, bebonke nje, akumakati akufuywa. Zikhona nezakomalume eMozambique, zikhona ezakoMalawi, Congo, Ethiopia ngisho le koNigeria. Hhayi impela zinoju kuleli likaMandela!
Yize inkinga yokungena ngokungemthetho kuleli kwabafowethu nodadewethu bakwamanye amazwe kungeyona into entsha – njengoba umkhulu wami, uFeijao Manyike wafika ngabo-1950, kuthiwa wafika egibele ingwenya esuka eMaputo – kodwa ngaphansi kukahulumeni wakho Mhlonishwa Mengameli, sekuwuthelawayeka, wena owabona amaloli ngoLwesihlanu ntambama ku-N3 ephuma eThekwini. Ukunokuba uqinise isitilobho, uyoncenga u-Emasoni ukuthi nibambisane! Uma ucabanga, yini ongayibambisana nobaba ongenandaba nezingane zakhe?
Uyazi sesizothanda ukubona sengathi wena no-Emasoni niyizuthupha ziya egwayini, nawe nje kawunendaba nakanci nathi. Phindela ku-Emasoni, umtshele alungise utalatiya lomuzi wakhe, ukuze izingane zakhe zikwazi ukugoduka zifice ikhaya elifudumele. Akekho umuntu ongabaleka kubo kubuswa, ziyahlushwa lezi zingane laphaya KwaBulawayo. Phela akumnandi nokuhlala emizini yabantu ngoba unothisa ngisho amaqatha owaphakeliwe ukuthi kawalingani nawezingane zakhona. Ngiyanithandazisa maZimbabwe amahle, sengathi iNingizimu Afrika ingake ibe nomengameli ozoba nesibindi, ozotshela owenu ezimpempeni ukuthi akanamsebenzi walutho, noma-ke nina uNkulunkulu anephuce owenu umengameli aniphe ozonithanda, aniphathe kahle. Uma-ke izinto sezinilungele, ningayikhohlwa imithandazo yami, ngoba kubukeka sengathi nathi sesisonqenqemeni lwalesi simo enibhekene naso. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!