Unengebhe umndeni wonyamalale eyozingela

640

Abehamba nabo bathi kabacabanganga ukuthi unenkinga ngenkathi engasasabeli ngekhwela

USANDISWA Mchunu othungathwayo njengoba enyamalale ehlathini, ezingela nabanye abafana.

MTHOBISI SITHOLE
AWUSABULALI ubuthongo umndeni wakwaMchunu, eKeate’s Drift, eMsinga emuva kokunyamalala kwendodana yawo okuthiwa yayizingela izinyamazane nabanye abafana entabeni emasontweni amabili adlule. Kuthiwa uSandiswa Mchunu (17) ofunda uGrade-10 eMacingwane High School kuyona le ndawo wanyamalala ehlathini KwaKhaneNgome, ezingela nozakwabo afunda nabo kulesi sikole. Lesi sigameko senzeka mhla ka-20 kuNhlaba (May), kanti kubikwa ukuthi namanje umphakathi usavuka ugcwale izinkalo kuleli hlathi kuthungathwa yena. Unina kaSandiswa, uNkz Shodangani Ximba, uthi ngokusho kwabafana ababehamba nendodana ya-khe ngalolu suku, bagcina ukubonana naye ngesikhathi sebehlukana ehlathini.


Uthi babebizana ngamakhwela uma sebeshintsha indawo abankanisa ngakuyona. Utshele ILANGA ukuthi bathi kubethusile uma bengasalizwa elakhe ikhwela, kodwa kabazange banake ukuthi ngabe kunenkinga. “Bahamba ngoLwesihlanu ntambama bayolala entabeni ukuze bezovuka ekuseni bazingele. Bahlala entabeni bebase umlilo kwaze kwasa, ngokusho kwalaba ahamba nabo. “Ngakusasa ekuseni, bavuka bagcwala ihlathi, befuna izinyamazane okwathi uma bebuya behlangana, yena akazange abuye,” kusho uNkz Ximba. Kuthiwa kulesi sehlakalo banyamalala bebabili, kodwa omunye watholakala ehlathini ngakusasa ngoMgqibelo mhla ka-21 kuNhlaba (May), ehleli ebonakala ephanjanelwe yingqondo.


Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa uma ebuzwa ngokwenzekile, uthi akukho akukhumbulayo namanje. UNkz Ximba uthi usekhalela ukuthi kubekhona okutholakalayo kwendodana yakhe. Uveze nokuthi amaphoyisa abalekelela usuku olulodwa ebathungathisa ngezinja. “Ngisizwa wumphakathi okwamanje ovuka uyongibhekisa. Sengilahlekelwe yithemba ngendlela okwenzeka ngayo. Isimo sinzima kakhulu njengoba kungasekho ngisho uyise wengane yami,” kusho uNkz Ximba. Leli phephandaba kalikwazanga ukuthola laba okuthiwa uSandiswa wayehambe nabo ngesikhathi kuyozingelwa, kubikwe ukuthi basesikoleni bonke. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokunyamalala komuntu esiteshini samaphoyisa saseMsinga, kusaphenywa.

Previous articleBasola isibhedlela ngobudedengu
Next articleBAKHUNGATHEKILE NGOMBIKO WOLIBOFUZO “ONGAPHELELE”