Usagcwele amathafa njengoba ethungathwa ngabakwasidlodlo
waseHlengisizwe, kuleli lokishi, ngoMsombuluko ekuseni.
NOMFUNDO NGWANE
UTHELEKE ngechilo umkhakha wezempilo KwaZulu-Natal emuva kokuba unesi wesilisa wa-seHammarsdale – esilobe izolo ngoLwesithathu esagcwele izinkalo – kuthiwa udlwengule isiguli esi-neminyaka ewu-17 ubudala phaka-thi emtholampilo waseHlengisizwe, okuleli lokishi ngoMsombuluko ekuseni.
ILANGA libe nengxoxo ekhethe-kile nonina wesisulu, esingeke si-mdalule ukuvikela indodakazi yakhe, othe ubekhona emthola-mpilo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Uthi uvuke ngoMsombuluko ba-qhubana nendodakazi noyise wayo beya emtholampilo iyohlolwa iga-zi, yena eyolanda amaphilisi akhe.
Uthi bafike bama kulayini nga-phandle komtholampilo besalinde ukukhishelwa amakhadi ngapha-kathi.
“Ngenxa yemigomo yeCoronavirus, sihlala sigqagqane kolayini, ngisho sihamba ndawonye. Lo nesi onukubeze ingane yami ubengaboni ukuthi ihamba nami ngesikha-thi eyibiza.
“Uyibize ime ngemuva kwami, ethi uyayeqisa kulayini. Uqale wa-yibuza igama layo wabe esethatha ikhadi layo ngaphakathi wayimemeza. Ngesikhathi ebiza ikhadi layo, ngisukume nayo ngayilandela ngoba bengazi ukuthi sihamba sobabili.
“Uthukile uma ingane isiqhamuka ihamba nami, waqala waxwaya, wangibuza ukuthi ngibizwe ngubani, ngifunani.
“Ngimtshele ukuthi ingane yami le ayibizile, ihamba nami. Ungibu-ze ngokugula kwayo nokuthi mina ngizokwenzani.
“Ucele ukuxoxa nayo eceleni ngoba ethi wenzela ukuthi ikhulu-leke uma eyibuza imibuzo, ingabi namahloni isabe mina,” kusho yena.
Uthi uphumile – wabashiya bo-babili – wahamba cishe imizuzu ewu-20 eye kwelinye igumbi eyo-landa amaphilisi akhe. Ubuyele egunjini ashiye kulona indodakazi yakhe, wafika selikhiywe ngapha-kathi, okumthusile wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi. “Ngingqongqoze esicabheni nga-thola ukuthi kukhiyiwe ngabuza ukuthi bavaleleni ngoba bekuzwa-kala ukuthi kukhona abantu nga-phakathi. Ngishaye isicabha ngifuna bangivulele.
“Uthe nje evula isicabha kwa-ngicacela ukuthi kukhona okungahambi kahle, indodakazi yami ibithukile naye lo nesi egwajaza.
“Ngibizele indodakazi yami ece-leni, ngayibuza ukuthi kwenzenjani, yasaba ukukhuluma yangithela ngezinyembezi,” kusho unina wesisulu. Uthi uqonde komunye umhlengikazi wambikela ngale nkinga. “Kuthe ngingakaqedi no-kumtshela ukuthi ingane yami ibi-valelwe yilo nesi wesilisa, wathi kungenzeka ukuthi kade eseyi-dlwengula ingane ngoba unomla-ndo wokudlwengula. Ngijuluke ngamanzi te, yazivumela ingane uma isizwa kukhuluma lo mhlengikazi.
“Siqonde kumphathi womthola-mpilo ongazange achithe sikhathi, wafonela amaphoyisa ngokushesha. Afike esebalekile lo nesi ngo-ba ubesebonile ukuthi kukhona engikusolayo,” kusho unina wesisulu.
Ubalisa ngokuthi indodakazi yakhe eyenza uGrade 11 yehlelwa yile nkinga nje, ibhala izivivinyo zayo zekota yokuqala yonyaka, usaba ukuthi izophazamiseka esikoleni njengoba kuyimanje izivalele yodwa ekamelweni, kayifuni nokuxoxa, iyakhala.
ILANGA lithole ukuthi akusona isigameko sokuqala lo nesi esolwa ngokudlwengula isiguli. Kuthiwa washintshelwa eHlengisizwe ngo-ba ebalekiswa emtholampilo wa-seNtshongweni ngenxa yecala eli-fanayo.
ILANGA likhulume nodadewabo wesisulu okuthiwa sadlwengulwa yilo nesi ngo-2019, oveze ukuthi icala ababemvulele lona laphelela emoyeni. “Okungiphatha kabi nje manje wukuthi ngizwile ukuthi icala elenzeke manje lisaphethwe yiphoyisa elifanayo.
“Sengisaba ukuthi naleli lingase liphelele emoyeni,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango weze-Mpilo KwaZulu-Natal, uMnu Nto-kozo Maphisa, uthe: “Siwumnya-ngo sishaqekile futhi siyaphoxeka ukuthola lezi zinsolo. Izikhungo zezempilo ziyindawo umphakathi othembele kuzo uma udinga usizo lwezempilo, kulapho abantu abagulayo abaya khona ukuze bela-shwe basinde ezifweni.
“Lena akuyona neze indawo yo-kufukamela abenzi bobubi, abagu-qula abantu abayocela usizo babe-nze izisulu. Ngakho-ke sizimisele ngokuqhubeka nokubambisana nabomthetho ukuze umsolwa abo-shwe, abhekane necala abekwe lona, ashushiswe ngokugcwele. Siyethemba umthetho uzokwenza okufanele.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala loku-dlwengula elivuliwe. Bekungaka-boshwa muntu kanti umsolwa usagcwele amathafa.
Uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umkhondo wakhe.
nomfundo@ilanganews.co.za